Bakhuculule indawo yokulahla engekho ethethweni

2019-03-13 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi amalunga omphakathi ehlanza indawo yokulahla udoti.

ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi amalunga omphakathi ehlanza indawo yokulahla udoti.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUKHUCULULWE indawo yokulahla udoti engekho emthethweni eMbali Unit BB5 ngoMgqibelo mhlaka-2 kuNdasa (March).

Lokhu kulandela ngemuva kokuba kwavela izindaba zokuthi sekukhona abantu abaze baphoqeleka ukuba bavale izitolo zabo eziseduze kwalendawo ngenxa yephunga elibi ebeliphuma khona.

Lo mkhankaso usungulwe amavolontiya enhlangano i-ANC khona endaweni kanti futhi athi azimisele ukuqhubeka nawo ukuze kusizakale umphakathi. UMnu David Ndlovu nobekhona ngesikhathi kuqhutshwa lo mkhankaso uthe kubaphatha kabi ukuzwa ukuthi kunabantu esekuze kwabaphoqa ukuba bavale izitolo ngenxa yokulahlwa kuka doti ngokungemthetho.

“Abantu bakithi abaningi siyazi ukuthi baziphilisa ngokudayisa ngakho ke akumele baze bavale amabhizinisi abo ngenxa yodoti olahlwe ngokungemthetho. Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi sekukhona nabantu abafikayo abaphuma ngaphandle bafike bazolahla ngezimoto lana sengathi vele lena indawo eyakhelwe ukulahla,” kubeka yena.

UMnu Ndlovu uthe lena akuyona kuphela indawo ekulahlwa kuyona udoti ngokungemthetho kodwa baqale ngayo ngoba iyinkinga kakhulu. Uthe bazoqhubeka babheke ukuthi abantu abalahli yini. “Sifuna ukuyilungisa lendawo siyiphendule insimu ukuze kuzobanzima kubantu ukuthi balahle lana. Sizocela ukusebenzisana nabomakhelwane ukuba babeke ihlo kulabantu abalahlayo.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.