Bakhuluma ngabakufunda kwi-‘Echo’

2019-08-21 06:02

UKUGUBHA iminyaka engama-40 kwasungulwa iphephandaba i-Echo, intatheli ithathe ithuba yakhuluma nabafundi be-Echo ukuzwakalisa imibono yabo nanokuthi ukuba nephephandaba elifana ne-Echo lizishintshe kanjani izimpilo zabo.

UNks Snethemba Gumede wasendaweni yaseDambuza uthe seloku aqala ukufunda i-Echo ziningi izinto asezifundile kanti futhi liyasiza kakhulu ekulekeleleni izingane zabo ekufundeni isiZulu.

“Alenzeki iphutha lokuthi kushaye uLwesine ngingalitholi iphepha ngoba ngisuke ngifuna ukubona ukuthi kwenzakali ezindaweni zethu esihlala kuzona. Ngaphandle kwaloko nje liyalekelela kakhulu ekufundiseni izingane zami ukufunda.

“Seziyazi ukuthi njalo noLwesine uma ngabe seziqede umsebenzi wesikole kumele zifunde iphephandaba i-Echo. Umuntu ngayedwa ufunda udaba lwesiNgisi kanye nolwesiZulu. Lokho ngikwenza ukubasiza ukuze bangabi nenkinga enkulu esikoleni bakwazi ukufunda ngaphandle kwezinkinga,” kubeka yena.

UMnu Vusimuzi Mkhize waseMbali Unit 14 uthe ezinye zezindaba azitholayo kuleli phephandaba ziyamusiza ukubuka impilo ngenye indlela kanye nokuthi aqaphele izinto ezithize.

“Ziningi izinto esizifundayo ikakhulukazi lezi ezithinta izimali.

“Ukube kuya ngami angabe njalo ngenyanga kuya khipha udaba olusifundisa ngodaba lwezimali ngoba iyikinga imali kanti futhi nabantu abathandi ukukhuluma ngayo,” kuphetha yena.

Uma ngabe unodaba ongathanda ukusixoxela lona ungathumela i-email ku: lethiwe.makhanya@media24.com okanye candyce.krishna@media24.com

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.