Balungise iziphethu ezindala ukuxazulula inkinga yamanzi

2019-06-05 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi aseSongozima elungisa esinye seziphethu zamanzi azosiza umphakathi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi aseSongozima elungisa esinye seziphethu zamanzi azosiza umphakathi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGA omphakathi ase-ndaweni yaseSongozima ase-sukume azibambela wona alungisa iziphethu zamanzi zakudala ukuzama ukuxazulula inkinga yamanzi ebhekene nale ndawo.

Le ndawo sekuphele iminyaka eyisithupha ingenawo amanzi kanti abantu bese bephila ngamanzi abawa-thola emalolini athwala amanzi kaye nasemifuleni engcolile.

Amalunga ali-13 akuyona lendawo abe esesukuma eqala uhlelo loku-lungisa iziphethu ezindala okwa-kukhiwa kuzona amanzi kudala ngaphambi kokuba kube khona amanzi ompompi.

Ngokusho kukaMnu Nhlakanipho Gumede uthe lezi ziphethu abazilungisayo iziphethu ezindala ezazise-tshenziswa ngezikhathi zakudala.

Uthe amanzi akulezi ziphethu amanzi endalo aphuma phansi emhlabathini kanti futhi ahlanzekile.

“Lento yokuthi kuloku kuba khona iziteleka kuvalwa umgwaqo ngoba abantu bekhala ngenkinga yamanzi sibone ukuthi ayilungile ingako sivele sathi asisukume silungise lapho singalungisa khona ukuze abantu bangabi nayo inkinga yamanzi.

“Sifuna ukugcina ngaphakathi amanzi emvelo ukuze abantu bangahlupheki ngesikhathi kusalugiswa indaba yamanzi lawa abawathola empompini yabo emakhaya. Sifuna umphakathi wethu ungahlupheki wazi ukuthi kukhona lapho uzothola khona amanzi ahlanzekile. Lento asiyenzi ngoba sifuna ukunconywa kodwa siyenza ngoba sifuna ukusiza umphakathi wakithi ukuze ungahlupheki ngamanzi,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi eliyingxenye yaleli thimba elilungisa liphinde lihlanze iziphethu, uMnu Nqobani Madlala, uthe abalungisanga endaweni yaseSongozima kuphela kodwa nasendaweni yaseKhokhwane nayo engaphansi kuka-ward 39 sebeyilungisile.

“Sekuneziphethu ezimbili eKhokhwane esezilungile abantu asebezisebenzisa esezinamanzi ahlanzekile. Sifuna ukuthi zonke lezi zindawo eziyiziphethu ezinamanzi emvelo sizilungise zihlanzeke ukuze abantu bezophuza amanzi ahlanzekile,” kubeka yena.

Uthe ngaphambi kokuba baqale lolu hlelo bazamile ukuba bathintane nekhansela lakule ndawo uNks Thandi Madondo kanye nenduna ukubazisa ngalolu hlelo kodwa imizamo yabo iphunzile.

“Besifuna ukuthi njengabaholi babeyingxenye yalolu hlelo bazi ukuthi senzani kodwa loko akwenzekanga. Le nto siyenzele ukuthi uma ngabe amanzi engaphumi kube khona into esiyenzayo ngesikhathi sisalinde ukuba kulungiswe leyo nkinga,” kubeka yena.

La malunga omphakathi athe ayafisa ukuba iminyango eyahlukene kahulumeni ingenelele ukubasiza, ikakhulukazi uMnyango wezeMpilo ukuze uzohlola nokuhlanzeka kwamanzi ukuthi yini abangayenza ukuphakamisa izinga lokuhlanzeka kwawo njengoba bezowasebenzisela nokuwaphuza.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.