Balwela abesifazane nezingane KwaPata

2019-10-30 06:00
Amalunga omphakathi aka-ward 10 emashela ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ngeSonto.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Amalunga omphakathi aka-ward 10 emashela ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ngeSonto.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMADODA asendaweni yaKwaPata ngaphansi kuka-ward 10 abambe inkomfa nalapho kade beqwashisana khona ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

Le nkomfa ibibanjelwe ehholo lomphakathi e-Azalea ngeSonto mhla zingama-20 kuMfumfu (October) ngemuva kwemashi esuke ehholo lomphakathi waKwaPata.

UMnu Nkosinathi Nzimande, nonguSihlalo we-Youth Desk kule wadi ngaphansi kwenhlangano elwa nobugebengu (Communituy Policing Forum) yasePlessislaer, uthe lenkomfa bayenze ngokuhlanganyela nezinhlaka ezahlukene okubalwa khona amaphoyisa kanye nabefundisi.

Uthe lena indlela yokukhombisa ukuthi bengamadoda aka-ward 10 abahambisani nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane.

“Njalo ngoMsombuluko singamadoda siyahlangana sithandazele izinto ezifana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, ukubulalana, ukudliwa kwezidakamizwa nokunye, kodwa namhlanje sithe ake sihlangane sonke nezinhlaka ezahlukene sikhuleke ndawonye.

“Indawo yethu yaziwa ngezinto ezingalungile, ingako sesithe ake sibeke uNkulunkulu phambili manje thina silandele ngemuva ukuze kuzoba uyena osisizayo ukuthi silwe nalesi sihlava,” kubeka yena.

Uthe nakuba zingakabi ningi kakhulu izigameko zokubulawa kwabantu besifazane kodwa bakhona abantu besifazane kanye nezingane abahlukumezekile behlukunyezwa abantu abazibiza ngamadoda.

“Izigameko ezikhona nje ilezo zokuntshontshwa kwezingane ezincane ezisafunda ezikoleni zamabanga aphansi.

“Zikhona nje izigameko ezimbalwa esezibikiwe, sifuna ukukuqeda loko. Sifuna izingane nabantu besifazane bahlale ngokukhululeka.”

UMnu Nzimande uphinde waveza ukuthi ukusetshenziswa kwezidakamizwa kulendawo kudlangile. Uthe bafuna ukuzivala zonke izidleke zezidakamizwa kule-wadi.

USihlalo wenhlangano elwanobugebengu ePlessisllaer, uMnu Sfiso Mavundla, uthe angeke baze bakumele ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngabantu abazibiza ngamadoda.

“Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sivikela abantu besifazane siphinde sikhulise kahle nezingane zabafana ukuthi zikwazi ukukhula zingamadoda angempela. Kulula ukufundisa umuntu osemncane umuqoqe kunokufundisa umuntu osemdala.

“Sikhathele sithi angeke size sikumele ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane. Asizugcina ngaloku kuphela kodwa sizophinde sibambe umkhuleko omkhulu maduzane nalapho sizobe sikhulekela khona nezinto ezihlupha intsha yasemphakathini yethu, izinto ezifana nokusetshenziswa kwezidakamizwa,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.