Bamashele esibhedlela befuna ukuqashwa

2019-07-17 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi umphakathi umasha esibhedlela i-Edendale.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi umphakathi umasha esibhedlela i-Edendale.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHi waku-ward 22 umashele esibhedlela i-Edendale ngoLwesihlanu olwedlule nalapho kade uhambise khona uhlu lwezikhalazo zawo.

Le mashi ebiholwa ikhansela lakuyona le ndawo uMnu Xolani Ngongoma isuke ehholo kaPoyinande yaze yaphelela esibhedlela i-Edendale.

Phakathi kohlu lwezikhalo zawo lo mphakathi ukhala ngalokhu:

• Ukungaqashwa kwamalunga omphakathi kodwa kuqashwe abantu bakwamanye amawadi.

• Bafuna ukubona izinkampani zasendaweni ziqashwa zisebenza kulesi sibhedlela.

• Ukuthuthukiswa kwentsha kulesi sibhedlela.

Ikhansela uMnu Ngongoma uthe into umphakathi wakule ndawo okhala ngayo kakhulu ukungaqashwa kwawo kulesi sibhedlela. Uthe ngisho izingane ezifunde zagogoda enyuvesi azikwazi ngisho ukunikezwa ithuba lokuthi zithole isipiliyoni somsebenzi kulesi sibhedlela.

“Lesi sibhedlela sineminyango eminingi eyahlukene ingako sifuna ukuthi kube khona abantu basendaweni yethu abasebenza kusona. Sikhathele ukuthi njalo uma ngabe kuqashwa sihleli sibona abantu esingabazi bakude abangasibona endaweni.

“Ngisho izinkampani ezinikezwa amathenda emisebenzi akuzona ezalapha endaweni kodwa kukhona abantu endaweni. Into esiyifunayo ukuthi kube khona okungenani u-40% wabantu basemphakathini abasebenzayo kulesi sibhedlela,” kubeka yena.

Uqhube wathi le mashi ibiyingxenye yokukhalela izidingo zomphakathi. Uthe njengoba sekuze kwafika ekutheni bamashe yingoba imizamo yabo yokuthi baxoxisane nabaphathi besibhedlela ngaloludaba ayizange ibe yimpumelelo.

“Sizamile ukuxoxa izikhathi eziningi ukuzama ukuthola indlela eya phambili kodwa sibonile ukuthi sengathi abaphathi abazimisele ukusebenzisana nathi ukuthola indlela eya phambili ingako kugcine sekuba khona nale mashi.

“Lesi sibhedlela sisithatha njengesibhedlela esikhulu kabi esiphakelwa yizibhedlela ezahlukene. Asithandi-ke ukuthi kuze kufike ekutheni sisivale ngamathayi kungasebenzeki ngenxa yokuthi anifundi ukubambisana nathi. Sifuna ukuthi lezi zinkinga zilungiswe. Lesi kuseyisexwayiso nje,” kuphetha yena.

Lesi sibhedlela sinikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuba siphendule uhlu lwezikhalo zomphakathi.

Lo mphakathi uthe uma kungukuthi kuphela izinsuku eziyisikhombisa bengazitholi izimpendula bazobuya bazovala amasango kulesi sibhedlela.

Uhlu lwezikhalo lwamukelwe isekela mqondisi walesi sibhedlela, uMnu M.G. Naidoo.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule lo mphakathi umashele emtholampilo iMbalenhle nalapho kade ukhala ngenkinga efanayo yokuthi bafuna kube khona abantu basemphakathini abaqashwayo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni iKwaZulu-Natal uNcumisa Mafunda uthe: “Umnyango ungakuqinisekisa ukuthi umphakathi ufikile esibhedlela uzoletha uhlu lwezikhalo zawo mayelana nenani lokuqasha kwesibhedlela kodwa umnyango angeke uze ukwazi ukuphawula ngodaba lokuqasha kanye nezindlela ezilandelwayo zangaphakathi,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.