Bamashele eSishayamthetho othisha base zinkulisa

2018-04-25 06:00
Abasebenzi basezinkulisa bemashela eSishayamthetho saKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu olwedlule.PHOTO: lethiwe makhanya

Abasebenzi basezinkulisa bemashela eSishayamthetho saKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu olwedlule.PHOTO: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OTHISHA nabasebenzi abangaphansi kwe-Childhood Development nezinkulisa bathi sebekhathele uMnyango wezeMfundo noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi njengoba bethi leminyango ayibaholeli ekubeni bangaphansi kwayo.

Laba basebenzi bamashele esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu mhla zili-13 nalapho kade behambise khona uhlu lwezikhalo zabo kuyo leminyango.

Kwezinye zezikhalo ebezihamba phambili kulo hlu bekungukuqashwa ngokusemthethweni , nokuthi bangena ngaphansi komuphi umnyango.

Laba basebenzi bakhala ngokuthi abanye babo abaholi, abanye bahola kancane futhi bathola amaholo engafani.

Bathi baholelwa esandleni imali ayingeni ngisho ebhange kanti labo abaholayo abazazi ukuthi bahola ngomhlaka bani njengoba amakomiti ebaholela noma inini uma kuthande lona.

USihlalo we-South African Creche Workers’ Union uNkk Nonhlanhla Shange uthe sekukaningi beba nemihlangano nezinhlaka ezithintekayo ngenhloso yokuthola isisombululo noma indlela eya phambili kodwa kunhlanga zimuka nomoya ingakho sebeqoke ukumasha.

“UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uyasixhaphaza. Sifike sizisungulele izinkulisa bese ufike wone, usuthi wona lezo zinkulisa ezawo esikhundleni sokuthi basilekelele. Osonhlalakahle asisafuni ukubabona bengena ezinkulisa ngoba bayasihlukumeza. Uma befikile ezinkulisa ingoba besuke befuna ukuzobheka okungalungile kuphela esikhundleni sokuba basize futhi balungise,” kubeka yena.

Uqhube wathi njengoba besebenza njengo thisha basemabangeni aphansi bafuni amaholo afanele othisha nabo.

“Siyavuka ekuseni zonke izinsuku njengabothisha siye ezikoleni siyofundisa lezi zingane kodwa uma sekuphele inyanga asiholi lutho sitshelwa ukuthi siyavolontiya. Kanti kuleli zwe umuntu uvolontiya isikhathi esingakanani? Abanjani abaholayo nabangaholi? Sonke sifuna amaholo angene ebhange futhi asifuna ukunikezwa ezandleni. Sifuna ukuzazi ukuthi sihola nini. Sikhathele sithi sekwanele manje.”

Leminyango inikezwe izinsuku eziyi-7 ukuba iphendule kulohlu lwezikhalo zabasebenzi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.