Bamashele ukunganakwa kwabantu besifazane

2019-04-10 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga eNehawu esiShayamthetho emasha ngoLwesihlanu olwedlule.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga eNehawu esiShayamthetho emasha ngoLwesihlanu olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INYUNYANA iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) igubhe usuku lwabantu besifazane esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngokuthi ibe nemashi elwisana nokungaphathwa kahle kwabantu besifazane kanye nokunganakwa kwabo.

Le mashi ibiyingxenye yokugubha usuku lwabantu besifazane umhlaba wonke nolwalungo mhla ziyi-8 kuNdasa (March).

Imashi isuke ezinkundleni zemidlalo yaze yayophelela eCity Hall nalapho befike bahambisa khona uhlu lwezikhalo zabo kubuholi basehhovisi likaNdunankulu.PHAKATHI KWEZIKHALO ZABO KUBALWA:

• Ukungahlonishwa kwabantu besifazane abashona belwela inkululeko ngesikhathi sobandlululo.

• Ukungaqashwa kwabantu besifazane abakhubazekile esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

• Ukungabikhona kwabantu besifazane abaningi ezikhundleni eziphezulu.

• Ukwenziwa kwetshe lesikhumbuzo eduze kwase-City Hall nelizobhalwa amagama kanye neminyaka yabantu besifazane ababeyizishoshovu zepolitiki.

UNobhala weNehawu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal uMnu Nkanyiso Ntuli uthe le mashi abayenzanga bodwa kodwa bahlanganyele nenhlangano yabafundi iSasco, ANC Women’s League, Pacsa, kanye nomakadebona be-ANC.

Uthe banqume ukuthi bagubhe usuku lwabantu besifazane ngokuthi babambe imashi.

“Ngesikhathi sibamba le mashi sikhethe ukuba sihambe ngomgwaqo uJabu Ndlovu nowawaziwa ngokuthi uLoop Street ngaphambilini.

“Into eyenze ukuba sihambe ngalo mgwaqo yingoba uJabu Ndlovu uyena kuphela umuntu wesifazane osahlonishwe ngokuthi kube khona umgwaqo obizwa ngegama lakhe,” kubeka yena.

UMnu Ntuli uthe lincane iqhaza elidlalwa uhulumeni wesifundazwe ekutheni athuthukise abantu besifazane ngokuthi ababeke ezinkundleni eziwumgogodla kuphinde kuqashwe nabantu besifazane abakhubazekile.

“Lokhu akuthinti nje kuphela ihhovisi likaNdunankulu kodwa kuthinta nesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ukuthi njengoba kuyiyona indawo eshaya umthetho kumele engabe bahamba phambili ekuthuthukiseni abantu besifazane kodwa asibaboni benza lokho.

“Sifuna ukuthi uhulumeni wesifundazwe kube yizona zonke izinto azibhekisisayo lezi, ikakhulukazi iqhaza elidlalwa abantu besifazane,” kubeka yena.

Uhlu lwezikhalo lwamukelwe uMnu Sbusiso Ngubane noyiSekela likaMqondini ehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe uMnu Willies Mchunu, nothembise ukuthi uzokwenza isiqiniseko sokuthi luyafika ezandleni zikaMchunu kuphinde kusetshenzwe ngendlela ukuze kuzoxazululeka izinkinga abantu abakhala ngazo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.