Bamashele ukuthula amawadini

2018-12-05 06:00
Amalunga emiphakathi eyahlukene ngesikhathi kunemashi yokudala uxolo.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Amalunga emiphakathi eyahlukene ngesikhathi kunemashi yokudala uxolo.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAKHANSELA aka-ward-33, 34. 35 kanye no-ward 38 aphume umkhankaso wokuzama ukudala ukuthula phakathi kwemiphakathi abayiphethe.

Lama khansela ngokubambisana noMnyango wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni saKwaZulu Natali kanye nezinhlaka ezahlukene ezibhekele ukuphepha kulemiphakathi abambe imashi esuke e-Tamboville yaze yayophelela ezinkundleni zemidlalo eSobantu. Amalunga omphakathi nawo abephume ngobungi bawo ukuzokweseka lemashi enokuthula.

Le mashi iza ngemuva kokuba ngenyanga kaMandulo (September) kwadutshulwa kwabulawa izingane ezintathu zashona ngoba kusolwa ukuthi kunombango wengoma owawuqhubeka. Lesi sigameko sadala enkulu inzondo kanye nokungabikho kozinzo phakathi kwalamawadi njengoba bekusolwa ukuthi abantu abenza loku abantu abaphuma kwelinye lawo lamawadi. Lokhu kudale ukuthi amalunga omphakathi agcine engasazizwa ephephile uma ngabe kufanele aye kwenye yamawadi ekubeni engahlali khona.

Ikhansela laka-ward 35 uMnuz Sandile Dlamini uthe le mashi iyingxenye yokulwisana nobugebegu. Uthe into ebagqugquzele kakhulu ukuba basukume bayenze ilesi sigameko esenzeka ngoba abafuni ukuthi kuphinde kwenzeke into efana nayo futhi.

“Sibone kuyinto enhle ukuba sisukume sikhombise ukuthi asihambisani nalento eyenzeka.Siyakholelwa ukuthi lemashi enokuthula esibe nayo izosebenza futhi ilekelele nomphakathi ukwazi ukuthi uzwane kungabhekwa ukuthi uphuma kweyiphi indawo. Kumele umphakathi wazi ukuthi wonke umuntu uvumelekile ukuba okanye ukuya noma ilaphi lapho ethanda khona ngaphandle kokwesaba. Sizama ukwakha ubudlelwane phakathi kwalamawadi womane ngoba iwona athintekayo.

Sifuna ukuthi lena kube yaminyaka yonke ukuze abantu bezohleli bekhumbula ukuthi kumele baphilisane kahle ngaso sonke isikhathi,” kubeka yena.

Ikhansela laka-ward 33 uMnuz Nkululeko Mkhize uthe : “Lesigameko lesi esenzeka sacishe sadala udlame olukhulu phakathi kwalamawadi kanti lena ngenye yezindlela esizama ngayo ukudala ukuthula ngayo. Izingane eziningi ezifunda eSobantu High School ezisuka kwamanye amawadi besezisaba ngisho ukuya esikoleni ngenxa yako lokungazwani.

Sisazoqhubeka nje sizame izindlela eziningi ukuze kube khona ukuthula kanye nozinzo phakathi kwalemiphakathi,” kubeka yena.

UNks Dora Sibande ophuma eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi uthe njengomnyango babeyingxenye yalolu hlelo ngoba nabo befuna ukuzama ukudala ukuthula kulemiphakathi ethintekayo. Uthe bayazi ukuthi abantu abathinteke kakhulu intsha yakulezi zindawo kanye nabafundi basesikoleni i-Sobantu High School.

“Sifuna ukuqinisa ubudlelwane phakathi komphakathi kanye nesikole.Sidinga wonke umuntu othintekayo ukuqeda ukungazwani kanti sithole uxhaso olukhulu esikoleni kanye nasemphakathini wonkana nje,” kubeka yena.

UMnuz Nhlanhla Ngcobo nobemele isikole iSobantu nobeyingxenye enkulu yalolu hlelo uthe loluhlelo lokuzama ukudala ukuthula aluqalanga manje kodwa laqala ngesikhathi kusanda kwenzeka isigameko.

Uthe beyisikole bahlangana namakhansela kwadingidwa indlela eyaphambili ngoba kwase kubonakala ukuthi ukungazwani akusekho nje phakathi kwamaqembu ezingoma kuphela kodwa kwasekukapakele ngaphandle ngisho kumalunga omphakathi.

“Besekuphazamiseka ngisho ukufunda esikoleni ngoba ezinye izingane bezingasezi esikoleni ngoba zisaba ukuthi zizohlaselwa ngoba azikho endaweni yangakubo.

Kwaqala ngokuthi kubizwe imihlangano yemphakathi kuzona zonke lezi z indawo ukwehlisa imiphakathi imimoya ukuze isimo sizokwazi ukuthi sibuyele kwesejwayelekile.

Sifuna ukuthi kube khona ukuzwana nathi sikwazi ukuqhubeka nokwenza kahle umsebenzi wethu ngoba izingane esizifundisayo ziphuma ezindaweni ezahlukene. Uma ngabe kukhona ukungazwani phakathi kwabo kuzogcina sekuphazamisa nathi futhi esikoleni ,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.