Bamise konke befuna izidingo

2019-03-27 06:01
PHOTO: lethiwe makhanyaKungesikhathi umphakathi ubhikisha ngoMsombuluko.

PHOTO: lethiwe makhanyaKungesikhathi umphakathi ubhikisha ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUME nse ukusebenza endaweni yaseMaqongqo ngoMsombuluko mhla zili-18 kuNdasa (March) njengoba umphakathi, abamatekisi kanye nosomabhizinisi bevuke umbhejazane bavala umgwaqo ongenela kule ndawo.

Lo mphakathi ukhala ngokuthi kunemigwaqo eyibhuqu ekhona kule ndawo ekade bathenjiswa ukuthi bazolungiselwa yona kodwa kuze kube imanje ayikaze ilungiswe.

Bekungangeneki futhi kungaphumeki kulendawo njengoba umgwaqo kade uvalwe ngezihlahla ezinkulu, izimoto ezincane, amatekisi kanye namabhasi imbala.

Amalunga omphakathi abevutha bhe abeloku ehla enyuka ecula amaculo omzabalazo amanye ephethe izimbokodo, izinduku kanye nobhushu.

Bathi le migwaqo akukona ukuthi iwubhuqu nje kuphela kodwa inemigodi kanti futhi kweminye akusahambeki kuhamba imoto eyodwa kuphela enye kumele ingene esikhotheni ilinde ukuze kudlule leyo ezobe iphambana nayo.

Kweminye yemigwaqo abakhala ngayo kubalwa u-D1026, D1000 kanye naseMahlabathini.

UMnu Mkhe Ngcobo nonguSihlalo we KwaGcina Taxi Association uthe sekunzima ukusebenza kulemigwaqo ngenxa yesimo ekuso.Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi lemigwaqo ihamba amatekisi zonke izinsuku uma ngabe ethutha umphakathi.

“Ngonyaka owedlule saba nomhlangano noMnyango wezokuThutha bathi isabelozimali sikhona umgwaqo uzolungiswa kodwa salinda kwaze kwaba imanje.Amatekisi athutha umphakathi awasekho esimeni esihle ngenxa yokuthi ayakhahlazeka kulemigwaqo bese ayalimala.

“Sekukaningi sishaya nezingcingo sithi siyacela ukuthi okungcono ke sicela basilethele ugeleja ukuze kuzovaleka imigodi nemisele sikwazi ukuhamba kodwa izingcingo zethu abasazibambi,” kubeka yena.

Uqhube wathi ngaphambi kokuba babe nalesi siteleka baqale bathumela izincwadi ngisho nakuwona uMnyango wezokuThutha bebazisa ukuthi uma kungukuthi abanakwa bazovala umgwaqo kodwa akekho oke wafika wazokhulumisana nabo.

“Sibanikeze isikhathi esingangesonto ukuba kube khona into abayenzayo ngaloku beze bakhuluma nathi kodwa akukho lutho abakwenzile nokuyiyona into egcine isisiphoqa ukuba sigcine sesingena emgwaqeni ngoba kubonakala engathi ilona kuphela ulimi abaluzwayo lolo ngoba uma sikhuluma nabo abasizwa.”

Lo mphakathi uveze ukuthi ngaphambilini uMnyango wezokuThutha wabatshela ukuthi indawo engango 22km yomgwaqo ikhona imali yawo kodwa kuze kube manje akukaqala ukwakhiwa.

“Into esiyifunayo thina manje ukuthi sibone ngosonkontileka esefika ethi uzoqala ukusebenza ngoba phela imali satshelwa ukuthi ikhona. Njalo thina kule ndawo uma ngabe sifuna into kumele size singene emgwaqeni ukuze bezoqala basinake ngoba uma sikhuluma nabo kahle abasinaki. Naleli tiyela elisuka emapulazini lize lizofika lana baze balifake nje ingoba sasuke sangena emgwaqwni nokukhomba ngokusobala ukuthi ilona limi abaluzwayo lolo,” kusho elinye ilunga lomphakathi.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Mluleki Mntungwa uthe : “Umnyango umatasa nezinhlelo zokudweba (design).UNgqongqoshe uMnu Mxolisi Kaunda ubazisile abahlali ngaloku ngesikhathi ehlangana nabo.Ngenyanga kaMandulo (September) izinkontileka zizobe sezikwazi ukuqala nemigwaqo,” kuso yena.

Uthr imigwaqo yobhuqu ihlukunyezwe izikhukhula kanti iziphathimandla zithunyeliwe ukuba ziyohlola isimo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.