Baphume ngobuningi bakhuculula idolobha

2019-10-02 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi waseMgungundlovu elungiselela ukuhlanza idolobha ngoLwesibili.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi waseMgungundlovu elungiselela ukuhlanza idolobha ngoLwesibili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI waseMgungundlovu ubuphume ngobuningi bawo ngoLwesibii mhla zingama-24 kuMandulo (September) ukuhlanza idolobha ngaphansi komkhankaso i-#Save PMB.

Ngokusho kukaMnu Zazi Nxele nomkhulumeli walo mkhankaso, uthe babone ukuthi sekuyisikhathi sokuthi bahlangane njengomphakathi basukume bahlanze idolobha baphinde babuyise isithunzi saleli dolobha.

Leli dolobha like laba sematheni kakhulu njengoba belibalwa njengelinye lamadolobha angcole ngokwedlulele.

Ekhuluma ne-Echo uMnu Nxele uthe: “Inhloso yethu ngalo mkhankaso ukuthi sihlanze idolobha akukho zikhalazo okanye ukukhombana ngeminwe. Sikhathele idolobha elingcolile.

“Sifuna ukushintsha le nto yokuthi idolobha lethu liloku laziwa njengedolobha eligcwele ukungcola. Sifuna libizwe njengenhlokodolobha yesifundazwe. Angeke siloku sibheke umasipala okanye uhulumeni ukuthi uhlanze idolobha.

“Lolu hlelo lugqugquzelwe abahlali baseMgungundlovu. Idolobha lethu leli siyalithanda sifuna ukulibona lihlanzekile,” kubeka yena.

Uthe njengabahlali bafuna ukwenza isibonelo sokuthi uma ngabe behlangene bangakwazi ukuthi basukume benze ushintsho kuleli dolobha.

“Lolu usuku oluhle kakhulu edolobheni lethu. Okusijabulisayo ukuthi noMasipala uMsunduzi nawo usuzibophezele ukuthi nawo uzoqhubeka lapho sigcine khona uhlanze nawo idolobha ngoba kulula ukulahla udoti lapho umningi khona kodwa kunzima ukulahla udoti lapho ungekho khona.”

UMnu Nxele uthe bebengakasithathi isinqumo sokuthi lona kungabe kuzoba umkhankaso waminyaka yonke yini, kodwa wathi uma ngabe sikhona isidingo sokuthi baphinde bahlanze idolobha bazokwenze njalo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.