Basabisa ngokuvala uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi

2019-11-20 06:00
Kungesikhathi izinhlangano zibhikisha ngoLwesine olwedlule.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Kungesikhathi izinhlangano zibhikisha ngoLwesine olwedlule.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IZINHLANGANO ezingenzi nzuzo zaseMgungundlovu sezisabise ngokuthi zizovala zonke izikhungo zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eMgungundlovu uma ngabe izikhalo zabo azibhekwa.

Le zinhlangano zibhikishe ngaphandle kwamahhovisi alo mnyango aku-Hoosen Haffejee ngoLwesine olwedlule nalapho kade ethi azofuna khona izimpendulo ukuthi kungani bengalutholi uxhaso ekubeni kuyibona abasebenzela umphakathi ekulwisaneni nezinkinga ezifana nezidakamizwa.

Omunye wezinhlangano ebezikhona uthe sebekhathele ukuxhashazwa ilomnyango. Uthe basanda kuthola ukuthi kunenhlangano egixabezwe ngezigidi zezimali njengoxhaso kodwa bona uma ngabe befaka izicelo abatholi lutho.

“Kungani lo mnyango ucindezela thina izinhlangano ezisemphakathini ezisebenza nomphakathi? Sikhathele sidiniwe. Lezi zinhlangano okuyizona ezigixabezwa ngezimali asikaze sizibone zisebenza emiphakathini. Sibekezele kwanele manje ezindaweni zasemalokishini,” kubeka yena.

Uqhube wathi bafuna ukuthi lolu daba lungenelelwe nanguMphathiswa wawo lo mnyango uNonhlanhla Khoza kanye noKlebe ukuze kuzophenywa ngalezi zinhlangano okuhleli kuthiwa zinikezwa uxhaso lwemali.

“Inhloko yalo mnyango iwukhanda limtshela okwakhe ayifuni kuzwa lutho kanti futhi sibona sengathi ayizimisele ukusebenzisana nathi ekulwisaneni nezinkinga ezibhekene nomphakathi.

“Sifuna ukuba nomhlangano noMphathiswa walomnyango ngoba sifuna indlela eya phambili ukuthi kuzosebenziswana kanjani.Sifuna ukuthi asiqokele inhloko yalo mnyango ezozimisela ngomsebenzi wayo ngisho kungathiwa uqoka yena lena ekhona asinankinga naye inqobo nje uma ngabe umsebenzi wenziwe ngendlela eyiyona.”

UMnu Vincent Myeni uthe uma kungukuthi izidingo zabo azihlangabezwa bazovala wonke amahhovisi alo mnyango bawenze ukuba kungasebenzeki kuwona.

“Sidelelekile siyizinhlangano ezisebenzela umphakathi kangangokuba sithe uma ngabe sibamba umhlangano nenhloko yaloMnyango wasitshela ukuthi ayikho into azoyikhuluma nathi, yena ukhuluma nezinhlangano ezixhaswe umnyango kuphela.

“Thina esiyizinhlangano eziphansi sibukeleka phansi.

Uma kungukuthi lolu daba alusukunyelwa sizoluqhuba luye phambili size sivale wonke amahhovisi omnyango kusona sonke isifundazwe. Lento ayiphelile namhlanje iyaqhubeka.”Imizamo yokuthola umnyango ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela....

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.