Basale dengwane kungqongqa umuzi

2019-04-10 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweKusale izindonga kanje ngemuva kokungqongqa kwendlu.

ISITHOMBE: sithunyelweKusale izindonga kanje ngemuva kokungqongqa kwendlu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NAMANJE akakucaci ukuthi kungabe yini eqale umlilo ogcine usushise indlu yonke eMbali Unit BB ngesonto eledlule.

Umuzi wakaNgcongo ushe wangqongqa wonke kanti abanikazi bawo bathi nabo basakhungathekile ngoba abazi ukuthi yini eholele ekutheni kugcine sekugqamuka amalangabi.

UNkk Thobile Ngcongo uthe yena wayengekho ngesikhathi kuqala lomlilo wayesesibhedlela kanti nengane ahlala nayo yayingekho kwakukhiyiwe endlini.

Ekhuluma ne-Echo uthe wathola ucingo etshelwa ukuthi umuzi uyasha wabe esethinta enye ingane yakhe ukuba iphuthume ekhaya ukuyobona base befonela nabezicishamlilo.

“Safika abezicishimlilo sebefikile bezama ukucisha kodwa kwasekungekho okutheni base becisha izindonga nje kuphela ngoba nabo bathi bafika uphahla seluphansi selushe lonke. “Ngisadidekile futhi ngibuhlungu ngoba angazi ukuthi yini eyaqala umlilo. Umlilo sisola ukuthi waqala kwelinye lamagumbi okulala kodwa okuxakayo ukuthi yini ebeyingaqala umlilo emagumbini okulala ngoba ayikho into evuthayo kunendawo yokushaja umakhalekhukhwini kuphela,” kuphela yena.

UNkk Ngcongo uthe umlilo wabonwa omunye womakhelwane nowabe esebiza abanye bazama ukuwucisha ngamanzi kodwa wabehlula ngoba amalangabi ayesemakhulu kakhulu engasalawuleki.

Uthe omunye womakhelwane waze wazama ngisho ukungena ngasekhishini ukuze ezokwehlisa iswishi(switch) ukuze kungaqhumi yonke into kodwa wathi uma engena kwavele kwaba khona into eqhumayo wabe esephuma ebaleka ngaphambi kokuba ayehlise.

“Anginalutho kushe yonke into ebeyisendlini sisele nezimpahla esizigqokile nje kuphela. Ingane ayikwazi ngisho ukuya esikoleni ngoba yonke into eyayiphakathi yasha akuphumanga lutho.Bekunzima ngisho ukubona ukuthi yini ebeyikhona endlini indlela ebekuyiyona. Lento eyenzekile nje kuqopheke umlando.

“Kubuhlungu ukusala ungenalutho kodwa ube ungazi ukuthi kwenzeka kanjani.Indlu ishe ize iqhume ngisho izindonga ziwe phansi angikaze ngikubone,” kubeka yena.

Uthe kumanje bahleli ezihlobeni abazi ukuthi bazokwenza njani njengoba besazama isu lokulungisa indlu.

Uthe ikhansela le ndawo uMnu Thamsanqa Sithole wafika kanye nabezenhlekelele abaphuma kamasipala nabo bafika babanika izingubo zokulala ezintathu ngoba basho ukuthi angeke baze balidinge itende njengoba bezohlala ezihlobeni.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.