Basale dengwane kusha imizi

2019-10-02 06:02
Kusale kunje ngemuva komlilo eSacca eMkondeni.ISITHOMBE: sithunyelwe

Kusale kunje ngemuva komlilo eSacca eMkondeni.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSHE kwangqongqa imijondolo elinganiselwa kwengama-93 endaweni yaseSacca eMkondeni ngezintathakusa zangoMgqibelio mhla zingama-21 kuMandulo (September).

Amalunga emindeni angaphezu kweli-100 kubikwa ukuthi athintekile ilesi sigameko.

Ngokuthola kwe-Echo imbangela yomlilo kube ikhandlela elishiywe livutha labe seliwa, kokheleka indlu umlilo wase wenabela nakwezinye izindlu zomakhelwane.

Ngesikhathi i-Echo ihambele lendawo ngoMsombuluko ifike amanye amalunga ezama ukuqoqa othayela abashile kanti abanye bebezama ukuvusa izindlu zabo. Amalunga omphakathi ashelwe izindlu akhulume ne-Echo athe kumanje asaphithene amakhanda ngoba abazi ukuthi kumele athathe ini ahlanganise nani ukuze bezokwazi ukuthi baqhubeke nempilo.

“Impilo imile. Mina anginazo izimpahla ngisele nje nalezi engizigqokile futhi nazo ngizibolekiwe.

“Ngishelwe iyona yonke into okubalwa khona, umakhalekhukhwini, amakhadi asebhange, kanye nomazisi nako konke obekusendlini,” kubeka elinye ilunga lomphakathi elingazidalulanga igama.

Lithe ngesikhathi kuqala umlilo lona belilele labe selizwa kukhona umuntu okhalayo ememeza.

“Ngiphume ngejubane ngiyobheka ngabe sengibona ukuthi kuyasha. Ngigijimile ngahamba ngayovusa abanye omakhelwane ngibatshela ukuthi kuyasha, kodwa ngithe uma ngabe sengibuya umlilo ubusumkhulu kakhulu kanti futhi ubususondele ngasendlini yami.

“Angikwazanga kukhipha lutho ngishelwe yonke into kangangokuba angazi noma ngingathi ngiyaqala ngithi ngiyozama ukulungisa indaba yami kamazisi ngingaqala ngalaphi ngoba anginayo ngisho imali nayo ishile,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi lithe abakwazanga ngisho ukuthi bahambe baye emsebenzini ngoMsombuluko kwazise abanalutho.

“Kumanje sihleli komakhelwane abangazange bona bashelwe. Abanye bethu bona bahleli ematendeni esiwanikezwe abezenhlekelele kamasipala. Kunzima isimo sinzima nje. Nokudla ebesixhaswe ngako nako okwesikhashana uma ngabe kuphela kuzomele umuntu azibonele ukuthi uzodlani. Nako ukudla sisizwa omakhelwane ukuthi sikupheke.”

Omunye obematasa ezama ukulungisa indlu yakhe uthe: “Bengingekho ngesikhathi kwenzeka yonke le nhlekelele.

“Ngifike nje sekushile kakhulu neyami indlu isilele phansi nayo yonke impahla phakathi angikwazange kukhipha lutho. Kumanje ngizama ukulungisa ngibone ngeke kulungiseke yini ukuze ngizothola indawo yokufihla ikhanda,” kubeka yena. Amalunga omphakathi athe ngesikhathi kuqala umlilo azamile ukubiza izicishamlilo kodwa zathatha isikhathi ukufika umonakalo usumkhulu.

Amalunga omphakathi akule ndawo athe acela usizo lwezimpahla kanye nezincwadi zezingane zesikole njengoba nazo zishe zonke, kanjalo nosizo ngokuthi basheshe bathole omazisi.

Ikhansela lakulendawo uNkk Sandra Lyne uthe uyayazi lenhlekelele kanti bathumele abantu bakamasipala ukuba bayonikezela ngamatende kanye nezingubo zokulala okwesikhashana njengoba amanye amalunga omphakathi esazama ukulungsia izindlu zawo.

“Nakuba abenganele amatende kodwa akwazile ukuhlalisa amalunga amaningi omphakathi.

“Lona akusiwona umlilo wokuqala wenzeka kulonyaka njengoba omunye wenzeka ngasekuqaleni kwalonyaka, kodwa lona iwona owenze umonakalo omkhulu. Sesixhumanile nabakwa-Gift of the Givers ukuba nabo bakwazi ukufaka isandla,” kubeka yena

.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.