Basale dengwane kusha izindlu

2019-12-18 06:00
UNkk Peggy Nkonyeni (Kwesokudla) ehlola umonakalo lapho kushe khona izindlu. ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UNkk Peggy Nkonyeni (Kwesokudla) ehlola umonakalo lapho kushe khona izindlu. ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBAMBA likaMphathiswa eMnyangweni wokuBusa ngokuBambisana neZindaba zoMdabu(Cogta) uNkk Peggy Nkonyeni usexwayise abahlali basemijondolo yaka-Jika Joe abashelwe izindlu, ukuthi bangabuyeli bayokwakha imijondolo kuleyandawo .

UNkk Nkonyeni ukusho lokhu ngoMsombuluko mhla ziyi-9 kuZibandlela (December) ngesikhathi ehambele le ndawo kanye nalabo abashelwe izimpahla.

Lesi sigameko somlilo senzeke ngempelasonto nalapho kushe khona imijondolo engama-67 kwase kuthinteka abantu abali-164.

Ngokuthola kwe-Echo umlilo usuke komunye umjondolo oshiswe owesilisa okusolwa ukuthi ubezothenga ucansi komunye wesifazane oyiyengandoda ohlala kuyona le ndawo.

Lona wesilisa kuthiwa usole lona wesifazane ngokumuntshontshela wabe esethatha uphethiloli washisa umjondolo walona wesifazane, umlilo wabe usubhebhetheka ushisa eminye imijondolo engomakhelwane.

Abantu abathintekile ilesi sigameko basuswe babekwa ehholo i-AF Wood elisedolobheni nokuyilapho besafihle khona amakhanda okwesikhashana.

UNkk Nkonyeni uthe benguhulumeni babuhlungu kakhulu kanti futhi bayadabuka ngalesi sigameko kodwa wathi babonga ukuthi abekho abadlule emhlabeni ngenxa yalo mlilo.

Uthe abathandi ukubona abantu behlala ezindaweni ezifana noJika-Joe kuze kufike isikhathi sokuthi baficwa imililo bashelwe nayizimpahla zabo zonke.

“Siyanicela ukuba ningabuyeli kuleyandawo ngoba akuyona indawo elungele ukuthi ingahlala abantu leya. Kudala sasinitshela ukuthi leyandawo ayilungile ngaphandle komlilo kuphela kungahle kufike izikhukhula kuphinde kwenzeke omunye umonakalo .

“Xoxisanani njengomphakathi nibone ukuthi iyiphi enye indawo esinganihambisa kuyona. Thina sizonixhasa ngezinto zokwakha kodwa ngeke sivume ukuthi izinto esizonixhasa ngazo nihambe niyokwakha ngazo lapha kaJika-Joe. Sifuna ukuthi nihambe niye endaweni engcono,” kubeka yena.

Uqhube wathi ukwenza isiqiniseko sokuthi amalunga alomphakathi awabuyeli ukuyohlala kuleyandawo bazobenza namaphoyisa azogada ukuze kungabi khona umuntu ozoqala phansi athi uyovusa umjondolo wakhe.

“Sizohlala phansi nomasipala sidingide ukuthi imuphi umhlaba esinganitholela wona ukuthi nikwazi ukuthi nihambe niyokwakha khona endaweni engcono,” kubeka yena.

Akusikona okokuqala ukuthi kuqubuke umlilo olimalaza izindlu eziningi kangaka kule ndawo.

Amalunga omphakathi athintekile athe asathukile ilesi sigameko kanti acela nosizo lwezindlu kuhulumeni.

UNks Mpilonhle Ncobela uthe : “Ukusha kwezindlu zethu kusihlukeze kakhulu ngoba sishelwe iyona yonke into asinabo ngisho omazisi. Sibonga kumasipala uMsunduzi nje ukuthi usinikeze indawo yokuhlala okwesikhashana size sithole izindlu.” LUQHUBEKA EKHASINI LESI-4

UNks Nobuhle Bhengu uthe: “Ngihlupheke kakhulu nginengane encane anginalutho nengane asazi zizogqokani sihleli ehholo sisizwa umasipala.Sicela usizo nathi kuhulumeni ngoba kuhleli kusha njalo kaJika-Joe.

Siyacela ukuthi nathi sifane nabanye abantu sithole izindlu ezisezingeni.Kumanje izingane zethu sihleli azigqokile ngoba azinazo izimpahla,” kubeka yena.

Izinhlangano ezahlukene kanye neminyango eyahlukene okubalwa khona noMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi isilule isandla yanikela kulabo abathintekile.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.