Basanethemba ngowabulala uNathi Hlongwa

2018-10-31 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsekela mgqugquzeli we-RTT esifundeni i-Moses Mabhida,Mnuz Mzi Zuma.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsekela mgqugquzeli we-RTT esifundeni i-Moses Mabhida,Mnuz Mzi Zuma.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISEKELA mgqugquzeli we-RTT esifundeni i-Moses Mabhida, uMnuz Mzi Zuma useveze ukuthi basanethemba lokuthi umuntu okanye abantu abadubula babulala uMnuz Nathi Hlongwa basazoboshwa futhi babhekane nengalo yomthetho.

UMnuz Zuma uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokukhumbula uMnuz Hlongwa nobubanjelwe ehholo lomphakathi lasendaweni yaseSigodini ngeSonto mhla zingama-21 kuMfumfu (October).

UMnuz Hlongwa, owayengusihlalo we-ANC egatsheni iMuzi Thusi Branch ka-ward 12, wadutshulwa wabulawa ngentulwane yezinhlamvu ngonyaka wezi-2016 eMbali.

UMnu Zuma uthe into eyenzeka kuMnuz Hlongwa kwaba yishwa nje nento okwakungamele ukuba yenzeke kodwa wabe esenxusa umndeni waMnuz Hlongwa nobukhona kulesi sikhumbuzo ukuba ungazisoli ngokuthi wamudedela wajoyina umzabalazo.

“Isinqumo sokungenela umzabalazo yisinqumo umuntu azithathela yena yedwa ngemuva kokudla amathambo engqondo.UNathi wayethanda ukuba yingxenye yomzabalazo ngoba wayefuna ukuletha izinto ezingcono ezimpilweni zabantu abaningi.

“Thina sisanethemba lokuthi umuntu okanye abantu abenza lokhu basazoboshwa bajeze ngendlela efanele. Futhi mhlazane kwenzeka lokho siyokwenza isiqiniseko sokuthi siphuma sonke ngobuningi bethu siya enkantolo ngoba siyobe sifuna ukuzizwela ukuthi kungani laba bantu bathatha isinqumo esibi nesijulile kangaka sokuba basibulalele uNathi.

“Okusijabulisayo futhi ukuthi uMongameli wezwe waqoka ithimba elikhethekile labaphenyi ukuthi kube yibona abaphenya ngamacala okubulawa kosopolitiki nokusenza sibuyelwe yithemba lokuthi umenzi wobubi usazoboshwa,” kubeka yena.

UMnuz Zuma uthe kubalulekile ukuba kukhunjulwe abaholi be-ANC abangasekho emagatsheni ahlukene ukuze nezizukulwane ezisakhula zizokhula zazi ukuthi ngeliphi iqhaza lezo zishoshovu ezalibamba emzabalazweni. Ube esechaza uMnuz Hlongwa njengomuntu owayengayena ugombelakwesakhe, isishoshovu sezentuthuko, isishoshovu sezepolitiki kanye nomholi oqotho.

“Ubeyiqhawe elayibamba ishisa kuleli gatsha laka-ward 12.Wayengumuntu owayenombono wesikhathi eside. Njengoba sihlangene sonke lapha sizokhumbula imibono yakhe emihle ayenayo ngezimpilo zabantu. Wayelwela ukuthi kube khona uzinzo kule ndawo kanti futhi wayeyithanda kakhulu imfundo.

“Sisalelwe umsebenzi onzima ukuthi sigcine intsha isezikoleni ifunde iphumelele kwazise uNathi wayeyithanda kakhulu imfundo. Kubalulekile ukuthi sihlale simkhumbule kanye nemisebenzi yakhe, kungeyona eyakhe kuphela, kodwa neyabanye abaholi asebelala kobandayo ukuze izizukulwane zizoqhubeka zazi ngabo ngisho kuthiwa sekunesikhathi basishiya emhlabeni.”

Ube esephonsa inselelo kumalunga enhlangano i-ANC akade ehambele lo mcimbi ukuthi akhumbule abaholi babo ezindaweni abaqhamuka kuzona.

“Kukunina ukuthi nikwenza kanjani; ukuthi umuntu nimkhumbula ngenyanga azalwa ngayo okanye inyanga adlula ngayo emhlabeni okubalulekile ukuthi kumele kube khona imicimbi efana nalena yokukhumbula amaqhawe kanye namaqhawekazi ethu,” kuphetha yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.