Basazobhadla esitokisini abasolwa kwelikaMaqatha

2019-03-06 06:00
ISITHOMBE: sigciniweMsawenkosi Maqatha Mchunu.

ISITHOMBE: sigciniweMsawenkosi Maqatha Mchunu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAZOBHADLA esitokisi abasolwa abayisithupha abasolwa ngokubulala lowo owayeyisishoshovu sokulwa nokukhwabanisa kuMasipala uMsunduzi, uMnu Msawenkosi “Maqatha” Mchunu, ngemuva kokuthi kuchithwe isicelo sabo sokufaka isicelo sebheyili kabusha ngenxa yemininingwane emisha abanayo.

Laba basolwa okubalwa kubona nekhansela laku-ward 10 uMnu Nkosinathi Gambu,Skhanyiso Zimu, Sfiso Mbelu, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane noGift Zungu bebevele eNkantolo kaMantshi ngoMsombuluko mhla zingama-25 kuNhlolanja (February) nalapho imantshi kade izokhipha khona isinqumo ngesicelo sabo sokufuna ukufaka kabusha isicelo sebheyili ngenxa yemininingwane emisha asebenayo.

Ngesikhathi imantshi ikhipha isinqumo sayo ithe uma ngabe abasolwa bezofaka isicelo sebheyili kabusha kufanele babe nemininingwane emisha ekungazange kukhulunywe ngayo ngaphambilini ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili.

Uthe inkantolo kumele ineliseke ukuthi ngempela leyo mininingwane abafika nayo misha ngempela kanti futhi iyangena kulelo cala abasuke bebhekene nalo.

“Kuleli cala abameli babasolwa baveza ukuthi icala selidonse isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha kodwa uphenyo alukakaphothulwa kanti kusashoda nemiphumela yolibofuzo. Baphinde bathi ofakazi bombuso akukaze kuvezwe ukuthi basendaweni ephephile kanjalo nokuthi amalunga omphakathi aka-ward 10 ahambisa uhlu lwezikhalo kuSomlomo kaMasipala uMsunduzi uNkk Jabu Ngubo nalapho bekhala ngokuthi selokhu kwaboshwa abasolwa abasazit- holi izidingo zomphakathi,” kubeka yona.

Iqhube yathi konke loku okuvezwe abameli babasolwa ayigculisekile ukuthi kuyimininingwane emisha yabe isisichitha isicela sabasolwa sokufaka kabusha isicelo sebheyili.

“Udaba lobufakazi lwakhulunywa ekuqaleni ngesikhathi abasolwa befaka isicelo sebheyili nalapho umphenyi wecala aveza khona ukuthi leli cala libucayi kanti lidinga ukuphenywa ngendlela efanele.

Indaba yofakazi bombuso abazange badalulwe kodwa umphenyi wecala wabadalula encwadini yakhe efungelwe ukuthi abanye bofakazi abantu ababekhona emhlanganweni lapho kwathathwa khona isinqumo sokuthi kumele kubulawe umufi.

“Mayelana nodaba lohlu lwezikhalo loko akuhlangene naleli cala njengoba uhlu lwezikhalo lwaluhanjiswe uSomlomo uyena ekumele abhekane nalezo zinkinga zokungalethwa kwengqalasizinda.

Angigculisekile ngemininingwane ekuthiwa misha engethulelwe yona kanti futhi ayihlangene nokuthi kuvunyelwe abasolwa ukuba baqale phansi bafake kabusha isicelo sebheyili,” kubeka yena.

Abasolwa sebegcinwe esitokisini izinyanga eziyisithupha kulandela ukunqatshelwa kwabo ibheyili ngenyanga ka-Lwezi (November) ngonyaka owedlule.

Icala lihlehliselwe umhlaka 3 kuMbasa (April) ukuze kuzophothulwa uphenyo kuphinde kulindwe nesinqumo somqondisi wezokushushisa.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.