Basazotoka abasolwa kwelikaMaqatha

2018-12-05 06:00
PHOTO: lethiwe makhanyaAbalandeli baMaqatha becula ngaphandle kwasenkantolo ngemuva kwesinqumo sokuthi abasolwa ngeke bayithole ibheyili.

PHOTO: lethiwe makhanyaAbalandeli baMaqatha becula ngaphandle kwasenkantolo ngemuva kwesinqumo sokuthi abasolwa ngeke bayithole ibheyili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAZOCHITHA uKhisimusi esitokisini abasolwa abayisithupha abasolwa ngokubulala lowo owayeyisishoshovu ekulwisaneni nenkohlakalo kumasipala uMsunduzi uMnuz Msawenkosi Maqatha Mchunu nowadutshulwa wabulawa ngenyaka kaNhlaba (May) kuwona lonyaka esangweni lasemzini wakhe KwaPata.

Lokhu kuza ngemuva kokuba inkantolo kaMantshi yaseMgungungundlovu ibanqabelile abasolwa ukuthi badedelwe ngebheyili.

Abasolwa okubalwa kubona nekhansela laka-ward 10 uMnuz Nkosinathi ‘TK’ Gambu bebevele enkantolo ngoLwesihlanu olwedlule nalapho befike banqatshelwa khona ibheyili.

Imansthi ithe ibona kungeke kuze kube ubulungiswa ukuthi abasolwa badedelwe ngebheyili njengoba loko kungahle kube nomthelela ekutheni kungabi nokuthula emphakathini waka-ward 10. “Ngemuva kokucubungula bonke ubufakazi obubekwe phambi kwenkantolo abasolwa bahlulekile ukuveza izizathu eziqanda ekhanda eziveza ukuthi kungani kumele badedelwe ngebheyili.

Uma bengadedelwa ngebheyili kungenzeka ukuba bagxambukele nobufakazi okanye basabise ofakazi baphinde babukele phansi nokusebenza kombuso .

“Kunamathuba futhi okuthi kungaphazamiseka ukuthula emphakathini njengoba sekuvele ngokusobala ukuthi vele kunoqhekeko ngemuva kokulethwa kwe-petition enkantolo. Ubufakazi futhi buya veza ukuthi impilo kaMnu Gambu yayivele isengcupheni njengoba sekwake kwaba khona amalunga omphakathi amuhlasela emzini wakhe ekhala ngokungalethwa kwezidingo zomphakathi. Umufi wadutshulwa abantu ababeseduzane naye kanti uma abasolwa bengadedelwa ngebheyili loko kungawethusa kakhulu umphakathi,” kuchaza iMantshi.

Amalunga omphakathi eseka uMnuz Mchunu akade esenkantolo ngaphakathi ajabule afa asho wonke athi ‘Yebo’ ngesikhathi iMantshi ithi abasolwa bayanqatshelwa ibheyili.

Amanye amalunga omphakathi aseka abasolwa avele bacweba izinyembezi ngemuva kwalesi sinqumo ngalesikhathi amanye amalunga ecula ejabulela isinqumo ngaphandle kwasenkantolo.

UMnuz Sbusiso Mkhize nongomunye wabagqugquzeli bomphakathi kuleli cala ohlangothini lukaMnu Mchunu uthe bajabule kakhulu ngesinqumo senkantolo kanti futhi sesibanikeze ithemba lokuthi ubulungiswa buzogcine benzekile ekugcineni.

“Sibonga kakhulu amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla kuleli cala. Sibonga nenkantolo ngokuveza ukuthi basolwa abakufanele ukuthi badedelwe ngebheyili. Lokhu kuzo thumela umyalezo oqinile nakwabanye abasacabanga ukwenza into efana nalena. Ngendlela amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ngayo sinethemba lokuthi nabanye abalahlekelwa amalunga abo emndenini abenzi bobubi basazotholakala,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.