Basebenzisa amabhakede ukuzikhulula

2019-05-29 06:02
UNks Thembelihle Ngcobo ekhombisa lapho bechitha khona ngamabhakede indle.isithombe: lEthiwe makhanya

UNks Thembelihle Ngcobo ekhombisa lapho bechitha khona ngamabhakede indle.isithombe: lEthiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHLALI basemijondolo e-10 Queens Street bathi sebakhathele ukuhlala nendle endlini njengoba besebenzisa amabhakede ukuzikhulula kwazise abanazo izindlu zangasese.

Laba bahlali bathi sebehlale kule ndawo isikhathi esingaphezu kweminyaka engama-25 kodwa ayikho intuthuko ekhona.

Bathi abanayo ngisho indlu yangasese eyodwa nokugcina sekuphoqa ukuba basebenzise amabhakede bese bachithe esitamukokweni esivulekile esikhona ebaleni. UNks Thembelihle Ngcobo uthe yayikhona indlu eyodwa yangasese ababeyisebenzisa ngaphambilini kodwa manje seyavalwa ngumuntu owavele waqashisa ngendawo.

“Sekuneminyaka eminingi sihlala la kule ndawo kodwa akukho ngisho intuthuko eyodwa esenzelwa yona. Uma ngabe like lanetha izulu kuphuma yonke indle igcwale ibala enye igcwale ngisho ezindlini ngaphakathi ngoba vele siyichitha esitamukokweni esisebaleni akukho okunye esizokwenza. Sibaningi kabi abantu abahlala lana kanti neMeya yoMasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo uyazi ngezinkinga zethu ngoba uma ngabe kuzovotwa bayafika la bazokhankasa kodwa ngemuva kwalokho basitshela ukuthi abayazi le ndawo,” kubeka yena.

Uqhube wathi impilo abayiphilayo inzima ngoba nezindlu abahlala kuzona zinegumbi elilodwa kuphela kanti futhi ziyavuza.

“Uthi upheka kube kukhona ibhakede khona la nizikhulula. Abanye bethu sebeze bagula baphathwa izifo ezahlukene okubalwa khona isifo sofuba i-TB kanye ne-Asthma ngenxa yezimo esiphila ngaphansi kwazo. Into esiyifunayo nje ukuthi sithole intuthuko okuyizindlu, amanzi nezindlu zangasese.”

Omunye umhlali uMnu Msizi Zulu uthe: “Umasipala wasithembisa ngonyaka wezi-2016 ukuthi uzosilungisela izinkinga zethu kodwa kuze kube imanje akukho okulungayo.Sifuna intuthuko nje thina kuphela ngoba phela siyavota nathi njengabahlali futhi bayayazi le ndawo yethu,” kubeka yena. Ngaphandle kokungabi khona kwenzindlu zangasese laba bahlali bakhala nangesimo sezindlu abahlala kuzona ukuthi azikho esimeni kanti futhi ziyanetha njalo uma ngabe lina izulu. Baphinde bakhale nangokungalandwa kukadoti nabathi bagcina sebezishisela bona ngoba umasipala awuzi ukuzowulanda. Imizamo yokuthola okhulumela umasipala ayiphumelelanga njengoba bengazange baphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.