Basenethemba lokuthola osekuphele iminyaka edukile

2019-09-04 06:03
ISITHOMBE: SithunyelweUKhulekani Innocent Dlamini osekuphele iminyaka alahleka.

ISITHOMBE: SithunyelweUKhulekani Innocent Dlamini osekuphele iminyaka alahleka.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NAKUBA sekuphele iminyaka eminingi umndeni wakaDlamini endaweni yaseMbali Unit 2 uthi usanethemba lokuthi uzolithola ilunga lalo lo mndeni eladuka ngonyaka wezi-2011.

UKhulekani Innocent Dlamini (33) nowayaziwa ngo-‘Matutu’ kuthiwa wavele wanyamalala ekhaya wangaziwa ukuthi uyephi.

Ngokusho kukaNks Khanyisile Majola nongu-anti wakhe uthe uMnu Madlala ubengumuntu ongezwa emadlebeni kanti futhi ubengakhulumi.

Uthe uMnu Dlamini ulahleke kade ehlala nobhuti wakhe kanti kuze kube imanje abakaze bamuthole.

“Seloku ahamba asinako ukuphumula emoyeni sihleli sinethemba lokuthi uzobuya kodwa kuze kube imanje loko akwenzeki. Ekhaya akukho ukuthula ngoba njalo uma ngabe sihlangene sihleli sikhuluma ngaye. Kwezinye isikhathi size sibe nethemba lokuthi sizomuzwa engqongqoza emnyango okanye simubone esengena emnyango,” kubeka yena.

Uthe sebezamile ukumfuna ezindaweni eziningi akade betshelwa ukuthi ubonakala kuzona kodwa uma ngabe befika bengamtholi.

Onolwazi kucelwa ashayele le nombolo: 0839400575/0795464650

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.