Bashayelwe ukubuza indlela abase-Sweetwaters

2018-06-06 06:01
UMduduzi Mdunge oshaywe walinyazwa kanzima esolwa ngokweba e-Hilton.ISTHOMBE : sithunyelwe

UMduduzi Mdunge oshaywe walinyazwa kanzima esolwa ngokweba e-Hilton.ISTHOMBE : sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFANA ababili baseSweetwaters bathi bafuna ubulungiswa emva kokuba beshaywe balinyazwa kanzima abesilisa bebala elimhlophe bebasola ngokuba amasela ngoMgqibelo ekuseni mhla zingama-26 kuNhlaba (May) e-Hilton.

UMduduzi Mdunge (19) nomngani wakhe uSimphiwe Mdletshe (17) abafunda esikoleni iSyanda High School khona e-Sweetwaters bebephuma emsebenzini e-Port and Barrel khona e-Hilton lapho besebenza njengabantu abaqoqa amabhodlela kanye nezingilazi ngezimpelasonto ngesikhathi behlelwa ilesi sigameko.

Elandisa i-Echo uMduduzi uthe kwakuyisikhathi sehora lesihlanu ekuseni ngesikhathi behlelwa lo mshophi.

“Isikhathi sethu sokuphuma emsebenzini kwaku-4 ekuseni ngalolu suku kanti sihamba ngezinyawo njalo uma siya noma sibuya emsebenzini. Sasesisendleleni eya emakhaya sesingase-Cedara ngesikhathi sithole ucingo komunye esisebenza naye ethi ucela sijike size lapho ehlala khona eHilton. Sijikile sabuyela emuva nokuthe uma sisendleleni sabona ukuthi sidukile asiyiboni indlela eya la kumele siye khona.

“Kube sekuqhamuka owesilisa webala elimhlophe ehamba ngesithuthuthu wasibuza ukuthi sifunani samtshela ukuthi silahlekile sicela asisize asiyalele ukuthi sihamba ngalaphi. Walile ukusisiza wahamba wasishiya saqhubeka sahamba kanti sizohlangana naye esilinde ngaphambili.

“Ube esesitshela ukuthi asime washaya ucingo sabona sekufika abangani bakhe behamba ngezimoto abanye babo bephethe izibhamu. Babe sebeqala besisola ngokugqekeza komunye umuzi khona eHilton. Sizamile ukubachazela ukuthi asazi lutho thina siziphumela emsebenzini kodwa abazange basilalele bavele basigibela ngesibhaxu besithuka.Into engiyikhumbulayo nje ngesikhathi beqala bengishaya bebengikhahlela ngamaquzu ngemuva kwalokho ngaphaphama esibhedlela i-Northdale ngilimele kanzima ekhanda nasesiswini njengoba ngithungiwe nasemlomeni” kubeka yena.

UMduduzi uthi lesi sigameko asimuphethe neze kahle kangangokuba ngeke aze akuthole ukuphumula kuze kuboshwe abenzi bobubi.

“Ngiphuthwe nawukubhala izifundo ezimbili zephepha lesiZulu neSingisi ngoMsombuluko ngenxa yokuthi bengingekho esimweni sokubuyela esikoleni. Nasebusuku angikwazi ukulala kahle ngihleli ngiphupha lesi sigameko.

“Ngivele ngithuke ngingasakwazi ngisho ukulala ngize ngisizwe amaphilisi. Bengizitshela ukuthi sesiphila esikhathini senkululeko kodwa uma kwenzeka izinto ezifana nalezi ngiyathuka,”kubeka yena.

USimphiwe uthe namanje usaphatheke kabi ngale sehlakalo esibavelele futhi bavule icala.

“Mina ngaba nenhlanhla angilimalanga kakhulu ngaquleka nje ngemuva kokuba bengikhahlele ngawa ngashayeka ngekhanda phansi. Okubuhlungu ukuthi sashayelwa into engekho ngoba nalesi sigameko sokugqekeza kuthiwa senzeka ngezikhathi zehora lesibili ekuseni ekubeni thina saphuma emsebenzini ngehora lesine.

“Sifuna kwenzeke ubulungiswa ngoba sesitholile nokuthi imiphumela yama-finger prints iyaveza ukuthi akuthina esagqekeza lapho kuthiwa sagqekeza khona,” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu u-Sergeant Mthokozisi Ngobese ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokushaya kanzima esiteshini samaphoyisa sase-Hilton kodwa bekungakaboshwa muntu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.