Bashoda ngezinsiza abalwa nobugebengu

2019-09-04 06:01

INHLANGANO elwa nobugebengu (Community Policing Forum) endaweni yaseSobantu ithi nakuba bezimisele ngokuqeda ubugebengu kule ndawo nasezindaweni ezakhele kwesinye isikhathi kuyaye kube nzima njengoba bengenazo izinsiza kusebenza ezanele.

Ngokusho kukasihlalo wayo uMnu Nathi Gumede uthe lenhlangano yasungulwa eminyakeni emihlanu eyehlule kanti isebenzisana ngokubambisana namaphoyisa ukulwa nobugebengu.

Uthe ngesikhathi beqala babebathathu nje vo kodwa manje sebeyiqembu labantu abangama-30 okuhlanganisa abantu besilisa nabesifazane.

“Njengoba silwa nobugebengu nje asibhekile ukuthi sibheka into eyodwa kuphela kodwa siyahlukana njengoba sinabantu abagada nezingane esikoleni ukuthi azidayiselwa yini izidakamizwa ngesikhathi sekhefu nangesikhathi sokuphuma kwesikole.

“Siyahamba si-patrola izindawo ezahlukene kangangokuba sihambe size sifike emgwaqeni u-Willowton kanye nasebhulohweni elisemgwaqeni onguthelawayeka (N3) ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu abaphuma emsebenzini ebusuku baphephile ezigebengwini siphinde sibambe nalabo abasuke bephuma ukuyontshontsha,” kubeka yena,

Uthe selokhu baqala lomshikashika wabo wokulwa nobugebengu bayawubona umehluko kanti futhi basazimisele ngokuqhubeka basebenze kanzima.

“Endaweni yaseSobantu nje izinga lobugebengu selehle kakhulu ngalendlela yokuthi angeke nje uzwe umuntu ethi ugqekezelwe emzini wakhe ngoba kuyaziwa sikhona. Uma ngabe kwenzekile hlampe kwenzeka impahla leyo siyifuna size siyithole siyibuyisele kumnikazi wayo.

“Inkinga esibhekene nayo nje ukuthi asinazo izinsiza kusebenza ezifana nomfaniswano amathoshi okukhanyisa ebusuku kanye nokunye esingakudinga ukuqhuba lomsebenzi wethu ngenkulu impumelelo. Uma singathola um faniswano kungalula kakhulu ngoba nabantu sebengakwazi ukusibona kalula.”

Uthe enye into engabajabulisa ukuthola imibhobho yokuxhumana eyaziwa ngokuthi o-over ngoba okwamanje basaxhumana ku-WhatsApp uma ngabe kukhona into ekumele yenzeke.

Uma ngabe ungathanda ukwelula isandla ungashayela uMnu Gumede enombolweni ethi : 072 043 75004.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.