Basinde kugqabuka amalangabi abakwaMpumuza

2016-08-03 06:00
    PHOTO:    noku-     thula  khanyile Usale kanje umuzi wakwaMchunu kwaMpumuza oshe ngoLwesithathu olwedlule.

PHOTO: noku- thula khanyile Usale kanje umuzi wakwaMchunu kwaMpumuza oshe ngoLwesithathu olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ASINDE ngokulambisa amalunga omndeni wakwaMchunu kwaMpumuza ePhayiphini ngesikhathi kugqabuka ilangabi lomlilo elicekele phansi ingxenye yomuzi ngoLwesithathu olwedlule ekuseni.

Ngokusho kuka-Andile Mchunu obelele egumbini elingaphandle kusize ukuthi kumemeze omakhelwane abebebona kuphuma intuthu egumbini lokuphumula.

“Bengilele egumbini elingaphandle ngesikhathi ngivuswa umsindo womakhelwane ngezithuba zehora lesishiyagalombili ekuseni bethi kuyasha. Ngithe uma ngiphuma bese kugqabuka amalangabi kushunqa nentuthu.”

Uthe yilapho ephuthume khona endlini wayovusa u-anti wakhe kanye nezinye izingane ebezisendlini.

“Bekukhona abantu abane endlini ngoba ezinye izingane bese zihambile zaya esikoleni. Sisizwe ukuthi kuqhamuke amalunga omphakathi asize ukuthi sinqande umlilo ungabhebhethekeli kwamanye amagumbi.”

Ngesikhathi iMaritzburg Echo ifika kulomuzi bebesematasatasa bekhipha izimpahla endlini emuva kwalomonakalo. UNonhlanhla Mchunu okunguyena omdala nogade ikhaya uthe namanje basadidekile ukuthi ngabe lomlilo uqalwe yini.

“Nathi sisazibuza ukuthi lomlilo ngabe uqalwe yini ngoba silale kungekho zintambo zikagesi ezixhunyiwe. Ngihlale ngiyibuka kweminye imizi lento yenzeka bengingazi ukuthi nami kuyongehlela ngelinye ilanga,” kusho uNonhlanhla.

Uthe kumanje akazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ngoba uyena yedwa osebenzayo endlini. “Ngibamba amatoho emajalidini njengoba ngihlala nezingane zabafowethu nodadewethu asebashona ezingu 14. Angazi ukuthi sizomisa kanjani njengoba umuzi ushile.”

Uthe cishe umonakala owenzekile ungalinganiselwa ku R40 000. “Kushe yonke into ebisegumbini lokuphumula yaba ngumlotha, sibonga ukuthi umlilo wenzeke ekuseni ngoba ukube bekusebusuku ngabe kukhulunywa ukuthi sishe sonke sashona.”

UNonhlanhla uthe bahlangabezane nenkinga bezama ukucisha umlilo njengoba namanzi sekuphele izinyanga engabonwa kulendawo.

“Ompompi bomile amanzi kade sawagcina, sisizwe osomatekisi bendawo abasuke erenki bazosisiza ukuthela inhlabathi ukuze umlilo ucishe. Mhlawumbe ukube amanzi abekhona ubungeke ube mkhulu kangaka umonakalo.”

Uthe njengoba kunguyena yena osebenzayo bangalujabulela usizo oluqhamuka emphakathini. “Uphahla olushe kakhulu, singayithokozela iminikelo yothayela kanye nezinye izinto zokwakha ukuze silungise lapho konakele khona.”

Uthe ababhekelele izinhlekelele kumasipala woMsunduzi bathembise ukuthi bazobalethela usizo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.