Basola isandla semfene ngokusha komuzi

2018-05-09 06:00
isithombe: lethiwe makhanyaUNkk Sokhela eme endlini yakhe eshe yangqongqa ngoLwesine olwedlule.

isithombe: lethiwe makhanyaUNkk Sokhela eme endlini yakhe eshe yangqongqa ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NAMANJE akukakacaci ukuthi kungabe yini eqale ilangabi lomlilo eligcine ngokungqongqisa indlu yakwaSokhela endaweni yase-Willowfontein ngoLwesine ekuseni mhla zingama-26 kuMbasa (April).

UNks Lindiwe Sokhela ongumama wakulo muzi uthe namanje usadidekile akazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani.

Kulo mlilo kushe kanzima indodakazi kaNkk Sokhela eneminyaka eyi-15 ubudala nephila nokukhubazeka njengoba ingalo kanye nesandla sayo sakwesokunxele singasebenzi. Elandisa i-Echo uNkk Sokhela uthe lomshophi wenzeke ngezikhathi zehora lesihlanu ekuseni.

Uthe:“Bengiphumile ngiyogeza ngaphandle kwendlu nokuyinto engiyenza njalo ekuseni njengoba ngiwumuntu owenza amagobongo okuthwasa engiwaqale mhla ka-9 kuMbasa (April) kuwona lo nyaka.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko bengishiye zonke izinto zami ngaphuma ngaya kogeza. Ngijwayele ukubeka amakhandlela eduze kwezinkamba njalo uma sengiyogeza.

Ngithe uma ngibuya ukuyogeza emnyango ngizongena endlini ngezwa ingane yami endala imemeza. Ngithe uma ngingena ngabona igumbi leli engilala kulona nokuyilona ebengenzela kulona izinkamba ligqamuka amalangabi.

“Ingane yami ibihleli phezu kombhede isivutha njengoba ingakwazanga ukuthi ibaleke ngesikhathi kuqala umlilo ngenxa yesimo sayo. Ngingene phakathi kwawo amalangabi ngiyohlenga ingane yami ngoba bengingeke ngikwazi ukuyibuka ingqongqe nomlilo ingakwazi ukuzisiza. Ngivele ngazitshela ukuthi uma kungukuthi siyafa sizofa sobabili.

“Le enye ingane yami ibe isimemeza omakhelwane bafika baphuma bazolekelela ukucisha umlilo ngamanzi kwaze kwaba uyacisha,” kubeka yena.

UNkk Sokhela uthe indodakazi yakhe iphuthunyiswe esibhedlela i-Edendale ngemuva kokuba eyihlengile kulo mlilo. Uthe okumudida kakhulu ukuthi lama langabi ashise igumbi lakhe kuphela.

“Lowamlilo indlela obowumkhulu ngayo bekumele engabe yonke indlu ishe yangqongqa kodwa kushe okwami kuphela nokungenza ngisole ukuthi lena into yamabomu ebiqondene nami kuphela.

“Uma kungukuthi umlilo ubuqalwe ikhandlela ubungeke uvele ube namalangabi angakaya engathi kuthelwe uphethiloli. Anginalutho kushe yonke into yami. Kwazimpahla engizigqokile ngizinikezwe omakhelwane. Kuyimanje angazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani.

“Izingubo zokulala nazo ebezihlala phezu kwa-wardrobe zishe zangqongqa ngisho umakhalekhukhwini imbhala anginawo ushile, ”

UNkk Sokhela uthe nakuba ezitholile iziphotshi ezine kanye nezingubo ezintathu zokulala nakunikelelwe uMasipala uMsunduzi, usangakujabulela ukuthola noma yiluphi usizo ikakhulukazi izingubo zokugqoka kanye nezingubo zokulala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.