Basola ubuholi ngokushaya indiva izidingo zabo

2019-08-28 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi e-ANC ebhikisha ngaphandle kwehhovisi lalenhlangano ngoMsombuluko.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi e-ANC ebhikisha ngaphandle kwehhovisi lalenhlangano ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGA eqembu le-African National Congress (ANC) asola ubuholi balenhlangano esifundazweni saKwaZulu-Natal ngokuziba izikhalazo zabo ngamalunga e-Regional Task Team (RTT) ayeqokwe ukube abambe isikhashana esiFundeni iMoses Mabhida.

Lama lunga akade ephuma emagatsheni ahlukene angaphansi kwesiFunda iMoses Mabhida amashele emahhovisi alesisifunda ngoMsombuluko mhla zili-19 kuNcwaba (August) nalapho kade behambise uhlu lwezikhalazo zawo.

Phakathi kohlu lwezikhalo zawo kubalwa:

•Ukubhidlizwa kwethimba elikhona manje le-Regional Task Team kulesi sifunda bese kuqokwa elisha zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

•Ukunikezwa ithimba elisha ukuba kube ilona ekumele lenze amalungiselelo enkomfa.

•Ukuthi inkomfa ihlale ezinyangeni ezintathu ezizayo.

•Ukuvunyelwa kwamagatsha ukuba abe ingxenye yama- BAGM’s.

UMnu Sthembiso Nkuna, nokunguyena obethula uhlu lwezikhalo, uthe akusikona okokuqala behambisa loluhlu lwezikhalo. Uthe sekukaningi beluhambisa ebuholini besifundazwe kodwa bebengazitholi izimpendulo.

“Sesibekezele kakhulu sihamba le ndlela yize kade ibuhlungu. Leli thimba elikhona kwakumele lihlakazwe ngenyanga kaLwezi ngonyaka owedlule ngoba vele kwakuthiwe ithimba lesikhashana, kodwa loko akwenzekanga. Satshelwa ukuthi asilinde ngoba naku sekulungiselelwa ukuya okhethweni nakhona lapho sabuhlonipha ubuholi. Kodwa kuze imanje ukhetho seludlulile kodwa siyababon abantu bayaqhubeka.

“Sifuna kwenzeke ubulungiswa basuke labantu bese kuba khona inkomfa ngoba kade salinda. Kwakumele ihlale ngonyaka wezi-2017 yaloku ihlehliswa, kwala ngisho sekuphume umyalelo wenkantolo. Sibuhlungu kakhulu ngendlela ubuholi besifundazwe obusiphethe ngayo. Sizihambisile izikhalazo kodwa asiphendulwa. Uma ngabe sishaywa indiva ubuholi bethu sizokhalela kubani, “ kubeka yena.

Uqhube wathi bayopha ngendlela abaphethwe ngayo. Uthe angeke baze bakubekezelele ukuba nesiFunda esingenalo uzinzo.

“Ithimba elikhona manje alibhalansile ingako sifuna kuthi lihlakazwe. Indlela abasebenza ngayo ayikho consistent.”

Uthe ubuholi babunikeza izinsuku eziyisikhombisa ukuba baphendule kulohlu lwezikhalo.

UMnu Ricardo Mthembu, nongomkhulumeli we-ANC esifundazweni saKwaZulu-Natal, uthe bazozibheka izinkinga lezi eziphakamiswe amalunga omphakathi. Uthe bazobuyisa izimpendulo zingakapheli izinsuku eziyisithupha. “Ngizozibika nami lezi zinkinga kubuholi. Nathi ukuya kwinkomfa iyona into esiyifunayo leyo. Siyazwisisa ukuthi abantu bakithi badiniwe. Njengoba siphuma okhethweni ziningi izinto esisabhekene nazo kanti futhi akusisona lesi isifunda esisibhekile,” kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.