Basungule iculo ngobuholi be-NATU

2018-09-12 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweAmanye amalunga ekwaya laseMgungundlovu elisungule iculo eliyingqophamlando enhlanganweni i-Natu.

ISITHOMBE: sithunyelweAmanye amalunga ekwaya laseMgungundlovu elisungule iculo eliyingqophamlando enhlanganweni i-Natu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGA enyunyana yothisha i-National Teachers Union (Natu) eMgungundlovu asesungule iculo elisha elikhuluma ngobuholi bonke be-Natu osebake baba khona.

Lokhu bakwenze njengengxenye yokugubha iminyaka eli-100 le nyunyana yasungulwa.

Ukugubha le minyaka le nyunyana ibe nomcimbi wezinsuku ezintathu eNyuvesi yasoNgoye nalapho ikhethe khona ubuholi obusha.

Ngokusho kombhali waleli culo asebelethe ngokuthi Ingadlangadla uMnuz Zakhele Hlatshwayo uthe kungokokuqala ngqa ukuthi le nyunyana ibe neculo elikhuluma ngabaholi bayo kusukela ngo-1918 kuze kube yimanje.

Uthe kubajabulisa kakhulu ukuthi kube yibona njengegatsha laseMgungundlovu ukuqhamuka nento engumlando kule nyunyana.

“Besiqala ukuthi silicule leli culo ngesikhathi kunalo mgubho kanti wonke umuntu uhlabeke umxhwele.

Usekela mengameli wale nhlangano uMnu [Allen] Thompson uze wasinxusa ukuthi sihambe siye e-studio ukuyoqopha leli culo ukuze lizohlala emlandweni wale nyunyana,” kusho yena.

UMnuz Hlatshwayo nobuye abe ngumbhali wezincwadi uthe waqala ukubhala leli culo ngenyanga kaNhlolanja (February) ngonyaka owedlule kanti yena nekwaya bebelokhu belicula belungiselela wona lo mgubho.

“Leli culo linamandla kakhulu kangangokuba abantu abaningi abaqala nathi bagcina sebeshiyile ngoba libesinda sagcina sesingamalunga angama-20 kuphela. Ngisho namanye amalunga ezindawo nawo alizama kodwa ehluleka sengibanikezile ukuthi bangalicula,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.