Batalajwe umphakathi abasolwa ngokubulala

2018-06-13 06:00

BALELWA izimpilo zabo esibhedlela abalisa ababili abatitinywe umphakathi endaweni yase-Bulwer eWillowfontein ngoba ubasola ngokugwaza babulale omunye umfana khona endaweni.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto ntambama mhlaka-4 kuNhlangulana (June) ngemuva kokuba kugwaze kwabulawa uMnu Siyanda Hlela ngeSonto ekuseni.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo wayo wakuyona le ndawo uMnu Hlela waba nengxabano naqeqebana labalisa endaweni yokuzijabulisa ekuyona le ndawo ngosuku olwandulela olwesigameko. Kuthiwa ngosuku olulandelayo ekuseni laba balisa babe sebehamba bemuthungatha bebuza nalapho ehlala khona.

“Bathola umfana omaziyo uSiyanda wabe esebakhombisa lapho ehlala khona. Asazi noma umfana lona owayebakhombisa wayazi yini ukuthui bafuna ukwenzani. Ngesikhathi befika ekhaya likaSiyanda bamufica elele base bamubhokoda ngommese washona. Omunye wamugwaza engalweni omunye wamugwaza esifubeni base beyabaleka. Umphakathi wabe usuthukuthela wagana unwabu ngemuva kokuzwa ngalesi sigameko wafuna ukuziphindiselela.

“Umphakathi ube usuhamba uyothungatha abasolwa waze wabathola. Baqala bathola oyedwa obekuthiwa uyena obekhomba kubo kamufi bamushaya kwaze kwalamula amaphoyisa namthathe eseyamubopha. Laba ababili bona bakhishwa kubo ngoba kusolakala ukuthi bayizihlobo. Omunye wayecashe ekhabetheni lezingubo kanti omunye wayehleli endlini,” kubeka umthombo.

Uqhube wathi amalunga omphakathi angena kulo muzi ema egcekeni kwathi amanye ama esangweni ngesikhathi abanye bengena endlini beyolanda abasolwa endlini.

“Umsolwa lona owayecashe ekamelweni yena wakwazi ukuphuma ngewindi abaleke kodwa lona omunye yena akazange abe nenhlanhla njengoba umphakathi wamubamba. Owaphuma ngewindi umphakathi wamubona kodwa wathi angeke uze umsukele uzonaka lona asebemtholile. Bamudonsa bamusa emgwaqeni base banyukela naye baya endaweni ephezulu nalapho bafike bamushayela khona.”

Umsolwa lona kuthiwa ubeshaywa ngaso sonke isikhali ebesikhona okubalwa khona izinduku, izinsimbi, amatshe kanye nobhushu imbala. Kuthiwa ushaywe kwaze kwafika lapho engasakwazi khona ukukhuma futhi engasanyakazi.

“Kusize ukuthi kufike amaphoyisa kwayilapho umphakathi umuyeka yize kade engasakhulumi. Indlela alimale ngayo loya muntu kuyoba inhlanhla elulamile kwazise ulimale kakhulu ekhanda kanti futhi kusolwa nokuthi ugengciwe,” kuphetha umthombo.

I-Echo ithole ukuthi akusikona okokuqala ukuthi umphakathi wakule ndawo uzithathele umthetho ngezandla ezigebengwini okanye abantu abasolwa ngokwenza ubugebengu endaweni. Lo mphakathi kuthiwa uthi usukhathele ukuphila nezi gebengu endaweni ngoba vele uma ziboshwa ziphinde zidedelwe.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu u-Sergeant Mthokozisi Ngobese uthe kuboshwe abasolwa abane ababili babo basesibhedlela nalapho begadwe khona ngamaphoyisa. uthe bonke laba basolwa babhekene necala lokubulala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.