Bathi bakhathele ukudlelwa ugesi eSobantu

2019-10-30 06:01

ABAHLALI basendaweni yaseSobantu bathi bakhathele ukuthenga ugesi abathi uma ngabe bewufaka bese uyanyamalala bangawazi ukuthi ushonaphi.

Laba bahlali bathi lenkinga yokunyamalala kwagesi iqale emasontweni amabili edlule. Bathi njalo uma ngabe bethenge ugesi ama-unit abawatholayo awasafani nakade bewathola ekuqaleni kanti futhi awafani nalawo asuke ebhalwe esiliphini sabo uma ngabe beyothenga ugesi.

UNkk Nobuhle Madondo uthe yena ubejwayele ukuthenga ugesi wemali engu-R100 athole ama-unit angaphezu kuka-60, kodwa manje usethola angu-34.

“Besazi vele ukuthi kukhona u-40% obanjwa umasipala uma ngabe sithenga ugesi nokuyikona obekwenza ukuthi sigcine sithola o-60 unit ku-R100. Besesikamukelile vele loko saze sajwayela futhi ngoba umasipala ubuthi usibambela ngoba sisuke sikweleta imali yama-rates.

“Lokhu okwenzeka manje asikwazi ukuthi kubizwa ngani ngoba asazi lutho.Ngesikhathi kuqala ukwenzeka loku endlini kucishe kwasuka omkhulu umsindo ngoba sithenge ugesi ka-R100 emuva kwezinsuku ezimbili wavele wacisha sathi siyabheka sathola ukuthi uphelile. Ilapho ke la siqale khona sayibhekisisa le ndaba sathola ukuthi akuthina kuphela kodwa kukhona wonke amaluga omphakathi anenkinga,” kubeka yena.

Uthe ngaphambilini ugesi ka-R100 ubuhlala amasonto amabili kodwa manje awusaliqedi ngisho isonto.

“Nakona loku banjelwa u-40% asihambisani nako kodwa besesikujwayele. Mina kwami besengingasapheki ngogesi ngipheka nge-gas ngoba ngithi ngifuna ukonga ugesi kodwa sekwenzeka loku manje, ngeke, sifuna ukwazi ukuthi kwenzakalani.”

UMnu Jomo Khumalo naye ukhale esifanayo wathi ikhansela kumele lichazele umphakathi ukuthi kungabe kwenzakalani.

“Lento eseyibanjwa manje isingaphezu kuka-40%. Futhi nawo lowo-40% asazi ubanjelwani ngoba ngisho uwakhokhela ama-rates kuyafana bayaqhubeka bawubambe. Sifuna iphele yonke lento ngoba iyasishaya thina njengoba sekumele sihleli sithenga ugesi,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi lithe: “Asisakhanyisi ngisho ugesi ebusuku, sekukhayisa umabonakude ngoba sizama ukonga ugesi njengoba sesidlelwa wona kangaka nje. Ngisho ufuna ukupheka izinto ezithatha isikhathi eside sekukuphoqa ukuthi uhambe uyobasa emnyango uphekele khona.”

Okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe umkhandlu kamasipala uyazi ngabantu ababanjelwa u-40% njalo uma ngabe befaka ugesi. Uthe abantu ababanjelwayo ilabo abanesikweletu kwamasipala kanti lo-40% usuke uthathelwa ukukhokhela leso sikweletu sabo.

“Abantu ababanjelwayo ilabo abakweleta umasipala kuphela. Uma ngabe kukhona abantu ababanjelwayo ekubeni bengenaso isikweletu kumele bahambe baye ebhilidini likamasipala ku-333 Church Street baye ku-counter 18.

“Labo abakweletayo nabo bangahamba bayokwenza izinhlelo zokukhokha ukuze kuzoyekwa ukubanjelwa kwabo ugesi,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.