Bathi bazophonsa indle emgwaqeni mabenganakwa

2019-02-06 06:00
Bekushunqa intuthu ngesikhathi amalunga omphakathi evale umgwaqo.ISITHOMBE: lethiwe makanya

Bekushunqa intuthu ngesikhathi amalunga omphakathi evale umgwaqo.ISITHOMBE: lethiwe makanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yase-Denmark ka-ward 13 ngaphansi komasipala uMsunduzi ususabise ngokuthi uzothatha indle egcwele ezitamukokweni zayo uyichithe emgwaqeni uma kungukuthi izidingo zabo azilalelwa.

Lo mphakathi udinwe wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo ngoLwesibili ntambama ngoba uthi usukhathele ukunukelwa indle. Abagcinanga ngokusabisa ngokuthi bazochitha indle emgwaqeni basabise nangokuthi angeke baze bavote okhethweni lukazwelonke oluzoba ngenyanga kaNhlaba (May) kuwona lo nyaka.

Lama lunga omphakathi akade edinwe egane unwabu athi anenkinga yokushokwa ugesi kanti kwesinye isikhathi kuze kuphele izinsuku bengenawo.Bakhala nangokuthi abasakwazi ukusebenzisa izindlu zabo zangasese ngenxa yokuthi zigcwele kanti nemoto emomayo nayo ayisafiki.

“Sikhathele manje sekwanele. Sikhuluma nje kumanje kunengane esesibhedlela ngemuva kokuba ishokwe ugesi. Abantu bakamasipala bahleli bethi bazofika bazowulungisa kodwa uma befika bafike bavule isigubhu esikhulu kodwa futhi uqhubeke ugesi usilimaze. Kumanje sishelwe izona zonke izinto ezisebenzisa ugesi okubalwa kuzona imisakazo, kanye neziqandisi.,”kusho elinye ilunga lomphakathi elingazange lizidalule igama .

Elinye ilunga lo mphakathi lithe indlela isimo esesisibi ngayo ngodaba lwezindlu zangasese sekunzima nokuthi ungene ubhekile sekuphoqa ukuba ungene uhlehla ngenxa yokugcwala kwawo.

“Ikhansela kade sasilibikela ngalolu daba kanti futhi namanje ngaphambi kokukuba siye emgwaqeni simutshelile samazisa ngokuthi uma zinganakwa izinkinga zethu sizoya emgwaqeni wathi asihambe siye khona. Uma sizama sithi siyobika izinkinga zethu kamasipala sebevele bafike basitshele ukuthi sebekhathele izinkinga zethu.

Asazi ukuthi kanti thina manje kumele sizibikephi izinkinga zethu. Indaba yalogesi iyasithusa ngoba uma ngabe kuqhubeka kanje kuzogcina kuphume isidumbu.”

Ikhansela lakulendawo uNkk Sbongile Mncwango uthe yena ubengazi ukuthi imoto emomayo ayifiki kulendawo. Uthe kunelunga lomphakathi aliqoka walihlanganisa nabantu ababhekelele imoto emomayo kamasipala ukuze kuzoba lula njalo uma ngabe kunenkinga okanye kunabantu abadinga ukumomelwa.

“Indaba yagesi yona iyinkinga ngoba ngemuva kokuba ngithole isikhalazo sokuthi abantu bathi sekuphele izinsuku bengenawo ugesi ngifonele kamasipala ngabuza ukuthi yini imbangela yokuthi abantu bangabi nawo ugesi. Abantu bakamasipala bafikile bawulungisa ugesi kodwa futhi uyaqhubeka uyahlupha ngoba iningi labantu banogesi oyizinyokanyoka. Into nje mina esengiyifisa ukuthi umasipala uyibhekisise le ndaba ukuthi kungani ugesi wakulendawo uhleli uhlupha kangaka bese kutholwa umsuka wayo ilungiswe,” kubeka yena.

Uqhube wathi udaba lwesiteleka yena uluzwe kade esemhlanganweni kamasipala.

“NgoMsombuluko ngathola ucingo luphuma kwelinye ilunga lompahakthi elikwikomidi lesikhashana kule ndawo lingitshela ukuthi abanawo ugesi sekuphele izinsuku. Langitshela ukuthi njengoba bengenawo ugesi bazohamba baye emgwaqeni ngabe sengithi mina uma bethi bafuna ukuya emgwaqeni nami ayikho into engizoyenza. Ngokwazi kwami bengizitshela ukuthi ugesi usulungisiwe kanti futhi bengingazitsheli ukuthi baqinisile uma bethi bazoya emgwaqeni,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.