ABAFUNDI bakamatikuletsheni esikoleni samabanga aphakeme iMehlokazulu High School ese Imbali bathe balibhale kahle iphepha lesiZulu lesithathu kwizivivinyo zabo zokugcina.
UNkanyiso Dlamini, uKwanele Maduna kanye noKwanele Meyiwa bathe bebezilungiselele ngokufanelekile njengoba bengahlangabezananga nemibuzo enzima kwiphepha lesiZulu abalibhale ngoLwesine odlule.
UDlamini uthe unethemba lokuthi uzoliphasa leliphepha njengoba ekwazile ukuphendula imibuzo eminingi.
Uthe: “Iphepha ebesilibhala lesiZulu lesithathu bengizilungiselele ingakho belingekho nzima, belilula futhi libhaleka,” kusho uDlamini.
UMaduna uthe ngokwakhe into eyenze ukuthi iphepha lesiZulu libelula ukuthi yonke imibuzo ebuzwe kulona bekuyizinto azifundile onyakeni.
Uthe: “Kanti nami bengizifundela ngokwami ngaphambi kokuzobhala,” kusho yena.
Uqhube wathi uma ebhaka lawa amanye amaphepha abesewabhalile ngaphambi kwaleli elesiZulu nawo uzwa sengathi ubhale kahle kuwona ngoba konke abakufundile onyakeni kuphumile emibuzweni yawo futhi wakwazi nokuphendula yonke imibuzo kahle.
“Esikhathini esizayo ngifisa ukuba unjiniyela ophambili ozokwazi ukubuya ezosiza abangemuva kwami,” kusho uMaduna ekhuluma ngamaphupho akhe.
UKwanele Meyiwa uthe kuyena isivivinyo sesiZulu ngeledlule besimnandi njengoba iphepha belibhaleka.
“Amaphepha esengiwabhalile angikhonondi ngawo ngoba bekubuzwa izinto esifundiswe zona othisha bethu,” kusho uKwanele.
Uthe uma esephumelele kumatikuletsheni ufisa ukufundela ukuba unjiniyela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN).
Echaza ngokuthi ubhekana kanjani nokucindezeleka okubangwa ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni uthe: “Ubunzima bokubhala izivivinyo ngibhekana nabo ngokuthi ngiqinisekise ukuthi ngithola isikhathi esanele sokulala, kuthi ngesikhathi ngisafunda noma ngiziphumulele ngiphuza amanzi amaningi futhi ngiyaqikelela ukuthi ngenza zonke izinto ezingenza ngikhululeke,” kusho uKwanele.