Bavale umgwaqo befuna umhlaba ngo ‘dli’

2018-07-18 06:00
isithombe: lethiwe makhanyaElinye lamalungu omphakathi lilungisa indawo yalo yokwakha ngemuva kokusika.

isithombe: lethiwe makhanyaElinye lamalungu omphakathi lilungisa indawo yalo yokwakha ngemuva kokusika.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wakwa-ward 29 eHaniville uvuke umbhejazane wavala umgwaqo izolo (ngoLwesithathu) ngoba ufuna ukuzithathela umhlaba kamasipala ngo ‘dli’.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba umphakathi uqale wazisikela izindawo endaweni kamasipala uMsunduzi eseHaniville ebekelwe ukwakhhiwa izindlu zomxhaso ngoMsombuluko mhla ziyi-9 kuNtulikazi (July).

Ngokusho kwalama lungu omphakathi athi ayalelwe umasipala nekhansela lendawo uMnuz Sphamandla Madlala ukuba bazisikele izindawo zokwakha.

Bathi lokhu kwashiwo emhlanganweni womphakathi owawu ngesonto eledlule khona kule ndawo.

Lo mphakathi uqale ngokuthi uthungele le ndawo ngomlilo ngoba uthi ufuna ukuqapha kahle izindawo zawo zokwakha.

Ngokuthola kwe-Echo, umasipala ubusuqalile ukuthuthukisa le ndawo uyilungisela ukwakha izindlu zomxhaso ezingaphezu kwe-1000 ngonyaka ozayo wakhela wona lo mphakathi.

Ngesikhathi i-Echo ihambele le ndawo ngawo uMsombuloko ifice ezinye izingxenye zendawo zisagqamuka amalangabi.

Amalungu omphakathi wona abesalokhu etheleka njalo ezosika izindawo kanti amanye abeseqalile ngisho ukulungisa iziza zawo zokwakha.

Amalungu omphakathi akhulume ne-Echo athe le ndawo kwakumele bayithathe kudala ngo-2005 ukuze bezokwakha kuyona.

“Umhlaba wethu lo sekuyisikhathi sokuthi sakhe nathi kuwona kade salinda. Umasipala usinikezile imvume wathi asizisikele izindawo. Sikhathele ukuqasha sijabula kabi ukuthi sesizoba nezindawo zethu zokwakha.

“Kade salinda ukuba umasipala usakhele izindlu kodwa wahluleka usizile-ke wasinikeza indawo,” kusho uNks Nomusa Madlala obematasa esika indawo yakhe.

UMnuz Mandla Ngcobo naye obematasatasa elungisa isiza sakhe uthe: “Mina ngangingayanga emhlanganweni kodwa ngizwe ngamanye amalungu omphakathi ukuthi kuthiwe asisike izindawo.

“Abantu bavuke ekuseni bezosika ngoba bejahe ukuthola izindawo abazifunayo.

“Akekho umuntu okukalelayo ukuthi usika kangakanani kwazise wonke umuntu uyazenzela akukho muntu wakwamasipala ogadile,” kubeka yena.

Lo mphakathi uphinde waqoqana ndawonye uphethe izikhali okubalwa kuzona amageja, izando, amapiki nobhushu uthi uya emhlanganweni obizwe yikhansela lakule ndawo ngawo uMsombuluko nokugcine kuvela ukuthi awukho umhlangano obiziwe.

NangoLwesibili lo mphakathi ubusaqhubeka uzisikela izindawo.

Ikhansela laku lendawo uMnuz Sphamandla Madlala uthe njengobuholi abahambisani neze nalesenzo esenziwa umphakathi .

Uthe lama lungu omphakathi ayazi ukuthi lento ayenzayo iphambene nomthetho kodwa bahlohlwa abanye abantu abalwa izimpi zepolitiki.

“Ngithole ucingo oluphuma kwa-Land Invasion bengitshela ukuthi kunabantu abagcwele entabeni abazisikela umhlaba kodwa bangitshela ukuthi bazolubhekelela lolu daba.

“Abakwa-Land Invasion bafikile ewadini bazo chazela umphakathi ukuthi lento abayenzayo ayilungile ukuthi badle umhlaba kamasipala

“Kunemigudu ekumele ilandelwe uma kungukuthi abantu badinga indawo. Sonke lesi simo esenzekayo asihambisani naso.

“Awukho futhi umhlangano oke waba khona nalapho kuthiwe abantu abazithathele khona umhlaba.

“Abantu abaziqhelelanise nezenzo zobugebengu ngoba iwubugebengu lento abayenzayo .

“Abantu bavuma ukusetshenziswa abantu abalwa izimpi zobukhansela.

“Asifuni ukuthi izimo ezinjengalezi ziqhubeke la ewadini.

“Njengoba sekukhona amaphoyisa aseqalile asebenza lolu daba kunabantu abazoboshwa bese kuba inkinga ukuthi abantu baboshwa kanjani singabanikezanga ulwazi,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.