Bavale umgwaqo bekhala ngentuthuko

2018-10-03 06:02
Amaphoyisa eqaphe isimo ngemuva kokuba umphakathi kade uvale umgwaqo.PHOTO: lethiwe makhanya

Amaphoyisa eqaphe isimo ngemuva kokuba umphakathi kade uvale umgwaqo.PHOTO: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yaseSnathing udinwe wavala umgwaqo ongenela kule ndawo ngoLwesibili mhla zingama-25 kuMandulo (September) ukhala ngokungalethelwa izidingo zawo.

Ngokuthola kwe-Echo lo mphakathi uqale ukuvala lo mgwaqo ngezintatakusa zangawo uLwesine kwaze kwalamula ukufika kweMeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo kanye namaphoyisa kwayimanxa behlakazela.

Phakathi kwezinye zezinkinga lo mphakathi okhala ngazo kubalwa khona ukungabikhona kwamanzi, isimo somgwaqo esingagculisi kanye nezindlu zangasese ezingekho esimweni .

Ilunga lomphakathi elikhulume ne-Echo kodwa langathanda ukudalulwa igama lithe into ebacasula kakhulu ukuthi abatshelwa lutho kule ndawo negzinto ezenzekalayo ngisho noma sezilungsiwa abatshelwa ukuthi seziyalungiswa.

“Sekunezinyanga singenawo amanzi kule ndawo kanti futhi akekho umuntu ositshelayo ukugthi kwenzakalani.

Sizwa sekuthiwa seluqaliswe uhlelo lokulungiswa kwamanzi kodwa ikhansela lethu alikaze lafika lasitshela ukuthi udaba lwamanzi luyalungiswa.

Imigwaqo esihamba kuyona inemigodi igeleza amanzi uma linetha.

Abanye bagcwalelwe izindlu zangasese abalutholi usizo azimonywa bahleli nazo zinjalo ngoba ayikho into abazoyenza.

Sikhathele nathi manje sifuna ukubona intuthuko endaweni yethu ngobaphela siyavota njalo,” usho kanje .

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sipho Madondo uthe bahlanganile nomphakathi bawuchazela ngodaba lwamanzi ukuthi into asebeqalile ukuyilungisa.

“Inkinga abebekhala ngayo kakhulu udaba lwamanzi kodwa sibachazelile ke ukuthi leyonkinga isiqaliwe iyalungiswa kanti futhi siyathemba ukuthi ngenyanga kaLwezi aban- tu bonke bazobe sebekwazi ukuthola aman- zi.

Ezinye izinkinga ezifana nomgwaqo umasjpala uxoxisane nabo ukuthi zihamba kanjani futhi zizolungiswa kanjani,” kubeka uMnu Madondo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.