Bavalelwe ugesi, bavala umgwaqo

2019-05-22 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUbuvalwe kanje umgwaqo u-East Street.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUbuvalwe kanje umgwaqo u-East Street.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHLALI basehostela eliku-East Street bavuke umbhejazane bavala umgwaqo ngamathayi avuthayo ngoLwesithathu ekuseni.

Lesi siteleka siqale ngoLwesibili ebusuku ngemuva kokuba abahlali bakuleli hostela becishelwe amanzi kanye nogesi ngoLwesibili ekuseni mhla zili-14 kuNhlaba (May).

Omunye wabahlali uthe kuvele kwafika umuntu wavala ugesi namanzi ngaphandle kokubazisa. Bathe abasazi isizathu esenze ukubthikuze kuvalwe ugesi.

Bekhuluma ne-Echo ngoLwesithathu ngaphandle kwale hostela abahlali bathe angeke baze bayeke ukuteleka kuze kube bavulelwa ugesi kanye namanzi.

“Kuthiwa asigeze ngani sipheke kanjani uma ngabe besivalela amanzi nogesi?”

Abahlali bavumile ukuthi abakhokheli lutho kuleli hostela kodwa bathi leso sinqumo sathathwa uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ukuba bangakhokhi.

“Sengihlale iminyaka engama-22 kuleli hostela sikhokhe kwaze kwaba unyaka wezi-2006 nalapho kwathiwa khona asiyeke ukukhokha. Sathi uma sibuza ngodaba lukagesi namanzi kwathiwa asingakhathazeki ngaloko,” kubeka yena.

Ngaphandle kukagesi abahlali baleli hostela bakhala nangesimo sokuhlala kanye nokungcola esingalungile kulendawo. Egumbini ngalinye kuthiwa kuhlala abantu abafinyelela kwabayishumi kanti abanye abanazo izindawo zokulala balala ehholo.

“Akukho ngisho unogada nokwenze kwaba lula ukuthi kube khona abantu

abazingenelayo basicishela ugesi namanzi.”

Laba bahlali bathe angeke baze bayeke ukuteleka kuze kube bavulelwa ugesi namanzi.

Abanye babahlali bahambile bayohlangana neMeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo ukuyodingida lolu daba kanti isinqumo besingakaphumi ngesikhathi sokushicilela.

Imizamo yokuthola uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ayiphumelelanga.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.