Bavele enkantolo abasolwa ngokubulala owe-SACP

2019-03-20 06:01
ISITHOMBE: SITHUNYELWEUMnu Mhlengi Khumalo nowayenguNobhala we-SACP eVubamasi.

ISITHOMBE: SITHUNYELWEUMnu Mhlengi Khumalo nowayenguNobhala we-SACP eVubamasi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAVELE eNkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu abasolwa abathathu abasolwa ngokubulala lowo obengunobhala we-SACP egatsheni laseVubamasi ka-Ward 10 endaweni yaKwaPata.

UMnu Mbuso Africa Mkhize (29),Sizwe Sibiya (46) kanye noThabane Sibiya (24) babhekene namacala ahlukene okubalwa kuwona nelokubulala uMnu Mhlengi Khumalo.

UMnu Khumalo wadutshulwa ngentulwane yezinhlamvu mhla zili-12 kuNhlolanja (February) ngesikhathi esekhaya lakhe endaweni yaKwaPata.

Abasolwa baboshwe ngoLwesine olwedlule ithimba elibhekelele ukubulawa okuhlangene nepolitiki esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Lowo omele umbuso uNks Rene Padayachee uveze ukuthi umbuso uyaphikisana nokuthi abasolwa badedelwe ngebheyili.

Uthe amacala abhekene nabasolwa abucayi kakhulu wathi futhi amacala anjengalawa aseyinsakavukela umchilo wesidwaba kule ndawo.

“Isimo asikho sihle endaweni yaKwaPata ikakhulukazi njengoba sekubhekwe esikhathini sokhetho ngenyanga kaNhlaba (May). Umbuso kusamele uqinisekise nokuphepha kofakazi bombuso. Kumele kuphinde kuqinisekiswe nemininingwane yabo abasolwa nanokuthi awekho yini amacala ake abalahla ngaphambilini okanye abawahambayo,” kubeka yena.

UNks Padayachee uphinde waveza ukuthi umbuso kungenzeka ushintshe leli cala kugcine sekube icala lokubulala okuhleliwe.

Umphakathi ubuphume ngobuningi bawo ukuzokwethamela leli cala kanti namaphoyisa nawo okubalwa awophiko lwe-Public Order Policing (POP) nawo abekhona ukuzoqapha isimo.

Abasolwa bafike enkantolo bengenabo abameli nokungenye yezinto eyenze ukuba icala labo ligcine selihlehlisiwe. Umsolwa wokuqala kanye nowesibili bathe bona bazothola abameli abazimele kanti umsolwa wesithathu yena ucele ummeli wamahhala waka-Legal Aid wabe esemelwa uNks Gasa wakhona ka-Legal Aid.

Abasolwa ababhekene nje necala lokubulala kuphela, kodwa kukhona namanye okutholakala nezibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Umsolwa wokuqala watholakala nesibhamu nezinhlamvu ezinhlanu ezingekho emthethweni, umsolwa wesibili watholakala nesibhamu nezinhlamvu ezisiyishiyagalombili (8) ezingekho emthethweni kwathi umsolwa wesithathu yena watholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu ezimbili ezingekho emthethweni.

Icala labo lihlehliselwe umhla zili-19 kuNdasa (March) ukuze kuphenywe udaba lwabo lwebheyili nokuthi bafike nabameli babo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.