Bawelwe yindlu belele eDambuza

2018-07-18 06:02
isithombe: lethiwe makhanyaUSamkelisiwe Radebe eme ngaphandle kwendlu yakubo ewe belele ngeSonto.

isithombe: lethiwe makhanyaUSamkelisiwe Radebe eme ngaphandle kwendlu yakubo ewe belele ngeSonto.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wakwaRadebe endaweni yaKaDambuza uthi namanje awazi ukuthi usinde kanjani ngesikhathi kuwa indlu abahlala kuyo belele ngesonto ebusuku mhla ziyi-9 kuNtulikazi (July).

Lendlu yodaka eseyisele namagumbi amabili nje kuphela kuthiwa iqale ngokuwa amagabade ngoMgqibelo kwathi ngesonto ebusuku yavele yawa yonke egumbini lokulala.

Kuyimanje lo mndeni ulala ekhishini, uphinde upheke futhi uphumulele kulona.

USamkelisiwe Radebe nohlala nogogo wakhe uNkk Sizakele Radebe oneminyaka engama-76 ubudala utshele i-Echo ukuthi kuyimanje abazi ukuthi bazophuma babhekephi ngoba nalamagumbi asele nawo anezimbobo.

“Isivalo sona asivaleki kundingeka ukuba kube khona umuntu ongaphandle ozovala ngesitini ukuze izivalo singeke siphephulwe umoya.

“Naso lesi sivalo size sibe khona sasizwa omakhelwane abasifakela sona. Asazi ukuthi kumele senze njani ngoba namandla okuthi singaqala phansi silungise indlu asinawo. Siphila ngemali yempesheni kagogo futhi nayo ayanele ukuthi ingasondla iphinde ikwazi ukusakhela indawo yokuhlala.

“Endlini sihlala siyisihlanu lapho kukhona nengane encane enezinyanga eziyi-8 ubudala. Njengoba sesihlala kule ndlu enjena akusekho ukuphepha ngoba sekungenzeka noma yini kuyona. Sesisabela izimpilo zethu nje ukuthi lendlu ingavele iwele phezu kwethu silele,” kubeka yena.

Uqhube wathi abanalutho futhi abanabani abangabalekela kuyena. Uthe ngisho belala ebusuku sebelala bengalele begade ukuthi indlu ingaweli phezu kwabo .

“Uma uke wezwa igabade eliwayo nje ushawa uvalo ngoba usuke uzitshela ukuthi indlu yonke izolandela. Baningi abantu befika besithembisa ukuthi bazosisisa kodwa kubuye kuphelele emoyeni. Sesikhalela ngisho kungathiwa indlu inamagumbi amabili uma nje isesimweni sokuthi sikwazi ukuhlala kuyona nokuthi iphephile singajabula kakhulu,” kuphetha yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.