Bawotha ubomvu abafundi baseMphophomeni

2015-12-02 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE Abafundi besikole samabanga aphezulu iMpophomeni bathi basovalweni njengoba bezozithola befeyila uma isikole siqhubeke njalo nokubanqabela ukuthi babhale izifundo zabo.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Abafundi besikole samabanga aphezulu iMpophomeni bathi basovalweni njengoba bezozithola befeyila uma isikole siqhubeke njalo nokubanqabela ukuthi babhale izifundo zabo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BADINWE bagane unwabu abafundi kanye nabazali besikole samabanga aphezulu iMpopheni ngokwenqatshelwa ukuthi babhale izivivinyo zokuphela konyaka ngoba omunye wothisha ethe lokhu kuyisijeziso sabo.

Lokhu kwenzeke ekuqaleni kweyanga uLwezi lapho abafundi bebuyela esikoleni emva kohambo lwesikole zingu 29 kuMfumfu. Abafundi abayi-10 bebanga le-10 (Grade 10) bathi abazange babhale i-Economics, English ne-Life Orientation emva kokuba omunye wothisha ethe bangamahlongandlebe emva kokubahamba lolu hambo ngetekisi esikhundleni sokuthi sebhasi lesikole elabe liqashiwe.

Ngokuchaza komunye wabafundi ongazange afune ukudalulwa futhi ongomunye wabafundi abanqatshelwe ukubhala uthe ngosuku okwakuhanjwa ngalo esikoleni babebhala isivivinyo se-Life Sciences. Uqhube wathi bona babe sebekhuluma nomunye wothisha bacela ukuthi baqashe itekisi ababezohamba ngalo ukuya eThekwini ngenxa yokuthi babebhala ngalolo suku. Uthe kwavunyelwana uthisha lona.

”Nangempela emva kokubhala saqonda emakhaya sahamba sayoshintsha sangawugqoka umfaniswano ngoba vele kwase kuvunyelwene nothisha. Sahamba sabuya ngoMsombuluko, okuyilapho omunye wothisha wasitshela ukuthi sephule umthetho ngakho-ke kuzomele sijeze... ngeke size sibhale izivivinyo zethu ezazisele. Waqala wasishanelisa ikilasi ngemishanelo emifishane. Samazisa ukuthi akushaneleki ngoba imishanelo yabe imifishane kodwa waqhubeka wathi asiqhubeke sishanele. Sathi sisabheke lokho sabe sesitshelwa ukuthi ngeke size sibhale ngoba sibe amahlongandlebe,” kusho lo mfundi.

Uthishanhloko wesikole uMnu Ralph Mpisane uthe laba fundi bephule umthetho wesikole ngokuzenzela olwabo uhambo oluya eThekwini ngale kokugunyazwa esikoleni.

“Into eyenzeka ukuthi bahlela olwabo uhambo ngosuku olulodwa nolwesikole. Bafika eThekwini baphuza utshwala badakwa baphambana nomthetho wesikole. Sabiza abazali babo emhlanganweni bamiswa esikoleni base betshelwa ukuthi uma beqeda isigwebo sabo sokumiswa bazobe sebebizwa ukuzobhala. Abanye babo babuyile bazobhala, kuphela kunedlanzana nje elingazange libhale kanti futhi ileli dlanzana labafundi abahluphayo,” kusho uMpisane.

Omunye wabazali uthe baya esikoleni bancenga ukuthi abafundi banikwe ithuba lokubhala. “Esikufisayo ukuthi izingane zethu zibhale ngoba uma zingabhali zizofeyila.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnu Muzi Mahlambi uthe kumanje baphezu kwalo udaba lalaba bafundi.

“Siwumnyango siyalulungisa udabba lwabo kanti futhi siyakuveza ukuthi abafundi baphule umthetho ngokuhamba bengafake mfaniswano. Sizodinga ukuthola futhi nakubazali ukuthi sazi ukuthi ngabe bayithathephi imali yokuziqashela eyabo itekisi. Okokungabhali kwabo siyakulungisa kumanje.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.