Baxwayiswa ngokusebenzisa ugesi e-Phase 4

2019-06-19 06:01
ISITHOMBE: sigciniweKungesikhathi kunesiteleka sikagesi eMbali Phase 4 ngenyanga eyedlule.

ISITHOMBE: sigciniweKungesikhathi kunesiteleka sikagesi eMbali Phase 4 ngenyanga eyedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKHANSELA lasendaweni yaseMbali Phase 4 uMnu Thamsanqa Sithole unxusa amalunga omphakathi akulendawo ukuba basebenzise ugesi ngokucophelela njengoba abakwa-Eskom besematasa bezama ukulungisa inkinga kagesi kule ndawo.

Ugesi wakulendawo uyawa njalo kanti sekuvele ukuthi lokhu kungenxa yokuthi isigubhu esiphakela ugesi(transformer) kulomphakathi wakulendawo siyesindwa ngenxa yokwamda kwesibalo sabantu abahlala kule ndawo.

Lokhu kuze kwaholela ekutheni kube khona isiteleka esikhulu kuyona le ndawo nalapho umphakathi kade ukhala khona ngogesi ngenyanga eyedlule. UMnu Sithole uthe kubalulekile ukuthi umphakathi ubambisane nabo ngesikhathi besazama ukulungisa indaba kagesi.

“U-Eskom usanda kufaka i-transformer yesibili nosekusele ukuthi ihlanganiswe bese izokwazi nayo ukuthi iphakele umphakathi ugesi.Okwamanje sicelaumphakathi ukuba usebenzise ugesi ngokucophelela kuze kube uyaphothulwa lo msebenzi. Sekusele kancane ukuthi kulunge yonke into ukuze ugesi ulunge ungasahluphi kule ndawo.

“Uma ngabe nje umphakathi wakithi ungagwema ukuthi ubase ama-heater kanye nezinye izifudumezi kungaba ngcono. Kanjalo nalabo abasuke bekhona emakhaya ngezikhathi zasemini siyabanxusa ukuba bapheke ukuze ugesi ungasindelwa ntambama uma ngabe sekuphume abanye emsebenzini,” kubeka yena.

Uthe ugesi uhlupha kakhulu uma ngabe bonke abantu sebebase amaheater okanye bewusebenzisa bonke ngesikhathi esisodwa.

Uthe ngeSonto mhla ziyisishiyagalolunye uwe kwaze kwaba amahlandla amahlanu kwaphoqeleka ukuba bafonele ka-Eskom.

“Kungcono ukuba nawo ugesi wokukhanyisa nokubuka omabonakude kunokuba ungabi nawo nhlobo ngoba naku sewuwile. Ukubezekela nje kuphela esikucelayo ukuze kuzophothulwa lomsebenzi,” kuphetha uMnu Sithole.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.