Bayavutha onogada abaphelelwe inkontileka kamasipala

2019-07-03 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kunombhikisho wonogada ngaphandle kwaseCity Hall ngoLwesine.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kunombhikisho wonogada ngaphandle kwaseCity Hall ngoLwesine.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ONOGADA bezindawo zakamasipala bathi angeke baze bakuthole ukuthula bengakachazelwa ukuthi kungani kuncishiswe isibalo sabo ngoba sekungene inkampani entsha yonogada.

Labo nogada bavuke umbhejazane ngesonto eledlule kusuka ngoLwesithathu noLwesine baphazamisa ukusebenza ezindaweni zikamasipala njengoba kade bexosha labo akade besebenza ngenkani.

Laba basebenzi akade besebenza ngaphansi kukaKhuselani Security Services (KSA) bathi inkinga iqale ngomhlaka 1 kuNhlangulana (June) ngesikhathi kungena inkampani entsha uRoyal Security Services.

Bathi ngesikhathi kuzongena inkampani entsha umasipala wabatshela ukuthi akekho umuntu ozolahlekelwa umsebenzi ngoba kushintsha inkampani.

“Into esixakayo maje ukuthi ebantwini abangu-700 akade begada izindawo zakamasipala sesitshelwa ukuthi kuzosebenza abantu abangu-380 kuphela nabo labo bazoncishiselwa izikhathi zokusebenza. Laba abanye bona kuthiwa abenze njani ngoba phela kusho ukuthi sebephelelwe umsebenzi?

“Uma ngabe sithi siyobuza kubaphathi ngaphakathi kamasipala ukuthi kwenzakalani basitshela ukuthi bona abazi lutho. Bathi bebengazi nanokuthi sekukhona inkampani entsha yonogada babezitshela ukuthi kushintshwe umfaniswano.

“Ukusenza izilima kwakona loko ukuthi bathi abazi lutho ekubeni kuyibona abakhiphe ithenda banikeza inkampani entsha,” kubeka omunye wonogada ongathanga ukuba adalulwe igama.

Bathi bathe uma ngabe beyobuza inkampani entsha uRoyal Security batshelwa ukuthi umasipala uthe akuthathwe onogada abangu-380 kuphela ngoba angeke uze usakwazi ukubakhokhela bonke. Baphinde batshelwa ukuthi kunezindawo zikamasipala akade bezigada kodwa manje sekuthiwa azivele ohlwini lwezindawo zikamasipala.

“Ngeke sigade indawo isikhathi esingaphezu kweminyaka eyisikhombisa bese basitshele ukuthi indawo ayiveli endaweni yabo.

“Njengoba bethi abazi ukuthi kunenkampani entsha sifuna baphenye ke ukuthi ingene kanjani nanokuthi kungani sekuncishiswa isibalo sonogada,” kubeka omunye unogada.

Labonogada bathi ithimba elibamele lizamile ukuba nezingxoxo nomasipala ukuzama ukulungisa isimo kodwa konke akuzange kuphumelele njengoba umasipala ungazange uvume ukuba nomhlangano nabo.

“Sikhathele ukwenziwa izilima manje ngoba phela manje sebedlala inkombankombane omunye uthi akazi ukhona omunye nomunye futhi ngokunjalo. Uma kungukuthi abayilungisi lento kukhulu kuyeza. Lesi kusayisiqalo nje kuphela kuningi esibaphathele kona bayoze basilalele.

“Bayakhohlwa ukuthi thina sazi izinto ezenzeka la ngaphakathi uma ngabe bengasilaleli bazobe sebeyasiphusha ukuba sikhuluma sikhiphe konke.”

Ibamba lokhulumela umasipala uMsunduzi uNkk Ntobeko Ngcobo ukhiphe isitandimende nalapho kade esho khona ukuthi inkontileka akade benayo no-KSA iphelile nokube sekuphoqa ukuba baphume ezindaweni zikamasipala lezi akade bezigada. Uthe umasipala ube usuqoka iRoyal Security Services ukuba kube iyona ethatha umsebenzi ngesikhathi i-Supply Chain Management isaqhuba uhlelo lokuqoka inkampani entsha.

“Sikhathazekile ngemibiko yokuhlaselwa kwabantu abasebenzayo ezindaweni.Ukuhlaselwa kwabantu asihambisani neze nako.Imibiko yenziwe emaphoyiseni kodwa izimpendulo bezingakatholakali. Umasipala uzofaka isicelo sencwadi ephuthumayo enkantolo nezovikela noma ikuphi ukusatshiswa, ukuhlukumeza kanye nokushaywa kwabantu ezindaweni zokusebenza zikamasipala,” kufunda isitatimende.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwenkampani iRoyal Security ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.