Bazoba senkingeni othisha abafika esikoleni bedakiwe

2019-05-01 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi Isiilo samabandla Inkosi Goodwill Zwelithini,uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazwei saKwaZulu-Natal uMnu Mthandeni Dlungwana kanye nemeya yomasipala uMsunduzi befika esontweni i-Life Bible Church.

ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi Isiilo samabandla Inkosi Goodwill Zwelithini,uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazwei saKwaZulu-Natal uMnu Mthandeni Dlungwana kanye nemeya yomasipala uMsunduzi befika esontweni i-Life Bible Church.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wezemfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Mthandeni Dlungwana uthe uzimisele ngokubhekana nabo bonke othisha abafika ezikoleni bezofundisa izingane bedlele amanzi amponjwana .

UMnu Dlungwana ubekhuluma esontweni i-Life Bible Church nalapho kade ehlangene khona neSilo samabandla Inkosi uGoodwill Zwelithini kanye nothisha kanye nabothishanhloko bezikole ezahlukene ngoMsombuluko mhla zingama-29 kuMbasa (April).

Uthe inhloso yomhlangano bekungukuthi Isilo sikwazi ukuthi sibathele ngenyongo siphinde sibafisele inhlanhla njengoba beqhubeka benza umsebenzi wokufundisa izingane ezikoleni.

“Eminyakeni eyedlule ukuphumelela kwethu ingoba kade kukhona yena namanje uzoqinisekisa ukuthi ukhona uyingxenye uzohamba phambili aseseseke nalapho siba nezinselelo,” kubeka yena.

UMnu Dlungwana ube esekhala ngesihlava athi sesijwayelekile sokuthi othisha bafike ezikoleni bezofundisa bedlele amanzi amponjwana.

Uthe bazobhekana nabo bonke labo thisha abenza lokho njengoba benza nakulabo thisha ababethandana futhi belala nezingane zesikole.

“Uthisha uma ngabe eya esikoleni kumele abe isibonelo ezinganeni lezi asuke eyozifundisa. Uma ngabe uthisha eya esikoleni ephuzile akuvumelekile ukuthi uye emsebenzini uphuzile.

“Sizokugada loko kanti futhi sizobhekana nako ngokuzimisela ukuze sizolungisa isimo sezokufunda kwethu ezikoleni.

“Siyazi ukuthi akusibona bonke othisha abahambayo baye ezikoleni bephuzile kodwa kunothisha abaziwayo ukuthi bayaziphuzela bafika nasemsebenzini bephuzile kodwa loko kusukela manje sizokuqeda. Sizolungisa uhlelo lwethu lokufunda ukuthi luqonde ukuze izingane zifunde. Uba isibonelo kanjani ezinganeni uma ngabe wena ufika esikoleni udakiwe?” kubeka yena.

UDlungwana uthe kuyicala ukuthi othisha bafike bephuzile esikoleni. Uthe ukubhekana nalabo thisha uzokuthatha akwenze umsebenzi wakhe ukuthi enze isiqiniseko sokuthi kuqale kubonakale ukuthi bathathelwe izinyathelo ezinqala kulabothisha abenza njalo.

Uphinde wakhala ngezigungu ezimele abazali (School Governing Body) ezihlupha ngokuthi zithi zifuna ezikoleni zazo kufundise othisha basendaweni. Uthe into abayifunayo bona njengomnyango ukuphumelela ayi ukuthi kuloku kubhekwa ukuthi uthisha uphumaphi.

INkosi uGoodwill Zwelithini ugcizelele ukuba umnyango ubhekane nezindawo eziseduze lwezikole ezidayisa utshwala kanye nezidakamizwa ngoba izona ezigcina sezimosha abafundi.

Uthe inkinga eyaye ibe khona ukuthi abantu abaningi abenza amabhizinisi bavele bangabi nandaba nezingane kodwa babe nendaba nemali nje kuphela.

“Izingane zigcina sezifika esikoleni seziyizidlamlilo sezingena nezikhali. Abazali kumele bawenze umsebenzi wabo ukuba bavikele othisha ezinganeni. Labazali futhi abadayisela izingane lezi zinto ezingalungile eduze kwesikole ezabo izingane zona bayazithatha bahambe bayozifundisa kude,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.