Bazocijisa amakhono ama-NGOs

2017-06-21 06:00
ISITHOMBE: Makhosandile zuluUThando Makhathini noNdumiso Mazibuko benhlangano engenzi nzuzo iThandu Development Project bathi bafisa ukucijisa amakhono ama-NGOs ngezindlela zokufuna uxhaso lwezimali.

ISITHOMBE: Makhosandile zuluUThando Makhathini noNdumiso Mazibuko benhlangano engenzi nzuzo iThandu Development Project bathi bafisa ukucijisa amakhono ama-NGOs ngezindlela zokufuna uxhaso lwezimali.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

EMVA kokunaka ukuthi izinhlangano eziningi ezingekho ngaphansi kuka hulumeni, phecelezi ama-NGO, zibhekana nobunzima obahlukahlukene ezinhlelweni zazo zokukhulisa izimali, abe nhlangano engenzi nzuzo iThandu Development Project, uThando Makhathini noNdumiso Mazibuko, babone kukuhle ukuba bebe nomhlangano wokukhaliphisa amalungu wama-NGOs ahlangabezana nenkinga yaloluhlobo ngolwazi kanye nangamakhono okwandisa izimali.

Umsebenzi weThandu Development Project ukuthuthukisa ama-NGO futhi uwasize ngezinto ezahlukahlukene ezifana nokubhalisela ukuba yi-NGO kanye nezindlela zokukhulisa izimali. Ngokusho kukaMazibuko, lenhlangano ibilekelela ama-NGO azinze Kwa Pata nase Azalea kodwa ngokuhamba kwesikhathi bese bethola izincingo ezivela kwamanye ama-NGO aseMgungundlovu. “Sifuna ukuthi ama-NGO athole ulwazi olufanelekile elizowalekelela ekutheni aqinise amakhono ukuze ezothola izinsiza ezizoqikelela ukuthi ayathuthuka futhi ayakwazi ukukhulisa izikhwama zawo zezimali,” kusho uMazibuko.

Uqhube wathi olunye ulwazi abafisa ukulidlulisela ama-NGO azohambela lomhlangano lumayelana nokuthi yimaphi amadokodo adingekalayo ukuze i-NGO ihlezi ibhalisiwe futhi ikwazi nokuthi kumele yenze kanjani uma sekufike isikhathi sokukhokhwa kwentela kwaminyaka yonke.

“Sifuna nokubalekelela ngokuthi isitifiketi sokukhululwa ekukhokheni intela sitholakala kanjani ngoba ngaphandle kwaso kuba nzima ukuthi i-NGO ithole uxhaso lwezimali ezinkampanini. Uma ngingenza isibonelo, uma inkampani enkulu inikela kwi-NGO iyaye ifune ubufakazi bokuthi leyo NGO ikhishwe ngokusemthethweni ukuba ikhokhe intela ngoba emva kwalokho leyo nkampani ihambisa ubufakazi kwa-SARS ukuze nayo izothola isaphulelo umasekumele ikhokhe intela ngoba yaxhasa i-NGO ngemali,” echaza uMazibuko.

Lomhlangano uzoba ngomhlaka 1 kuNtulikazi (Julayi) kwisingcinamagugu saseMsunduzi ekuseni ngo-10 kuya ku-1pm. Izikhala zabantu abangahambela lomhlangano zilinganiselwe kwikhulu (100) yingakho kucelwa ukuthi i-NGO ngayinye ithumele amalungu ayo amabili.

UMazibuko noMakhathini bathe kuzobe kukhona nezikhulumi ezahlukahlukene ezizofundisa abazohambela lomhlangano ngezindlela zokufaka izicelo zoxhaso lwezimali.

“Sizophinde sibalekelele ngamasu okuzidayisa, sibafundise ukuthi i-NGO kumele izikhangise kanjani ukuze izokwazi ukuthola uxhaso lwezimali,” kusho uMakhathini.

Bathe enye into edumazayo esebeke bayinaka ukuthi ezindaweni zase Imbali nase Edendale kunezinkulisa eziningi ezenza umsebenzi ofanayo kulemiphakathi kanti zonke azilutholi uxhaso oluvela kwabe Lotto kazwelonke.

“Abe-Lotto bavamisile ukuba bexhase izinkulisa ngezimali yingakho sinxusa amalungu alezizinkulisa ezikulezindawo ukuba behlanganyele nathi ukuze bezothola ulwazi namakhono azobalekelela ukuthi bekwazi ukuthola uxhaso oluvela kwabe-Lotto,” kusho uMazibuko.

Abafisa ukuba nesikhala kulomhlangano bengaxhumana noMakhathini ku 073 531 6664 noma bethumele i-email ku mzansitheatre@yahoo.com.

UMazibuko noMakhathini bathe ama-NGO azohambela lomhlangano engakwazi ukubhalisela ubulungu benhlangano yabo ngo-R300 ngonyaka ukuze bezothola ukulekelelwa okukhethekile.

UMazibuko noMakhathini baneminyaka eyisishiyagalolunye (9) benza lomsebenzi kodwa banqume ukusungula inhlangano yabo ekuqaleni kwalonyaka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.