Bazoqhubeka balayishe izingane omalume e-Northdale

2018-03-21 06:01
Ngesikhathi abafundi bevuke umbhejazane ngoLwesithathu olwedlule bevala umgwaqo.ISITHOMBE: sithunyelwe

Ngesikhathi abafundi bevuke umbhejazane ngoLwesithathu olwedlule bevala umgwaqo.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OMALUME abalayisha izingane noseseshini wamatekisi i-Northern Surbubs Taxi Association (NSTA) bagcine bevumelene okwesikhashana ngokuthi omalume abasuka ezindaweni ezahlukene bangathutha abafundi base zikoleni zamabanga aphakeme zase-Northdale.

Lokhu kwenzeke emva kwesixakaxaka esigcine ngokuthi kuvalwe umgwaqo u-Church Street ngoLwesithathu olwedlule.

Lesi sivumelwano sivezwe uSihlalo wasoseshini womalume eMgungundlovu uMnuz Phendulani Ndlovu emhlanganweni obuse makethe ngoLwesine olwedlule mhla ziyi-8 kuNdasa (March).

NgoLwesithathu kusuke uthuthuva njengoba onogada abaqashwe i-NSTA bejikise omalume bebatshela ukuthi abashiye abafundi erenke entsha bese abafundi bagibele amakhumbi aya esikoleni.

Emva kwalesigameko abafundi bavuke umbhejazane bavala umgwaqo nokugcine ngokuthi kungenelele amaphoyisa.

I-NSTA ikhala ngokuthi ayifuni omalume bahambise izingane zasezikoleni zamabanga aphakeme ezise-Northdale.

Bathi bafuna abafundi base zikoleni zamabanga aphakame begibele amatesiki ajwayelekile.

Njengoba lesi sivumelwano kungesesikhashana abazali balafundi abahamba ngomalume bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke izingane zabo ziyeke ukugibela omalu- me.

Omunye umzali ongeke adululewe igama lakhe ukuvikela ingane yakhe, uthe ingane yakhe eneminyaka eyi-13 yacishe yadlwengulwa abasizi babashayeli bamatekisi ababili ngonyaka wezi-2016.

Uthe: “Bayehlisa ekhumbini bayisa kwenye indlu lapho abazama khona ukuyidlwengula.

Omunye wabo wayesethi uyaqala uyayidlwengula omunye egadile.

“Kwasiza ukuba kuqhamuke omunye ubaba owayilamulela babaleka. Kuze kube yimanje ingane yami isahlukumezekile ihamba udokotela wengqondo. Isaba ubhuti wayo nomalume wayo endlini ngenxa yelesi sigameko.

“Ngeke ngize ngiyidedele eyami ingane uk uthi iyogibela amakhumbi ase-Northdale.

Omalume siyakhuluma nabo siyazi futhi ukuthi izingane zethu ziphephile komalume,” kubeka yena.

Omunye umzali ukhale esifanayo wathi ingane yakhe yentombazane yacishe yadlwengulwa igibele ikhumbi iya esikoleni e-Northdale.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.