Bazoveza amakhono kowentsha

2019-12-11 06:02
Umhleli womncintiswano uShota Zuma.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Umhleli womncintiswano uShota Zuma.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUHLELWE umncintiswano we-Street Dance endaweni yaseDambuza nozobe ubanjwe okokuqala ngqa ngeSonto mhla ziyi-8 kuZibandlela (December) ku-Bernard Road.

Lo mncintiswano owethiwe ngokuthi i-Shota Zuma Street Dance Competition kuhloswe ngawo ukuveza ubuciko babantu abasha base-Edendale.

Ukungenela lo mncintiswano kumahhala.

Umhleli wawo lo mcimbi uShota Zuma uthe into emenze ukuba asukume enze lo mncintiswano ingoba uhleli ebona abantu abasha bedansa emgwaqeni benganakiwe.

“Lo mncintiswano awukho mayelana nemali kodwa ukuthi abantu abasha bakwazi ukuziphilisa ngethalente labo bakwazi nokondla imindeni yabo.

“Ngemuva kwalomncintiswano ngizokwenza isiqiniseko sokuthi bonke abantu abazophumelela ngibahlelela ama-workshop azokwazi ukubafundisa ukuthi ama proposal abhalwa kanjani, nokuthi bangazibhalisa kanjani ukuze bagcine sebekwazi ukuthi babe nezinkampani,” kubeka yena.

Uthe enye into emenze ukuba asukume afune ukwenza lomncintiswano ingoba ufuna ukulwisana nokusetshenziswa kwezidakamizwa kwentsha.

Uthe kunokuba intsha ihlale emgwaqeni ubone kungcono ukuba abanikeze ithuba lokuthi baveze amathalente abo ukuze bezowakhulisa nawo.

Uthe akazukugcina nje ngokusebenzela umphakathi waseDambuza kuphela.

“Ngomhlaka-6 kuyona le nyanga ngizobe ngivakashele imindeni eyizisulu eyalahlekelwa izihlobo zayo ngokuhlukumezeka, kungaba ukudlwengulwa okanye ukubula- wa. Inhloso yalokhu ukuthi ngibaqinise idolo ukuthi noma sekwenzeka konke kodwa sisekhona futhi ngiyabaseka.

Ngizophinde ngibaphathele nokudla kanye [nezihlalo ezinamasondo] kulabo abaphila nokukhubazeka,” kuphetha yena.

Ngeminye iminingwane ungathintane noShota Zuma enombolweni ethi : 079 342 8026 ukuthola kabanzi ukuthi kungenelwa kanjani kulom mncintiswano.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.