Bekukubi kwamanye amaqembu

2017-02-22 06:02

UKUBUYA nokuqala kwemidlalo yeligi yePSL kulethe ukugedla kwamazinyo, ukujabha kanye nokuthokoza kwamanye amaqembu.

Indaba esakhulunywa nengakholeki kulezinsuku, ukuthelwa ngehlazo kwe-Orlando Pirates emva kokudliwa ngo 6-0 yiMamelodi Sundowns emdlalweni obuse Pitoli.

Umbuzo olokhu ubuzwa ngabathandi bebhola baseMzansi ikakhulukazi abamaBhakaBhaka ukuthi kaze kwenzekani ekilabhini yabo ?

Futhi yini eyenza uSihlalo wePirates u-Irvin Khoza athathe isikhathi eside kangaka ukuqasha umqeqeshi.

Ngendlela izinto ezenzeke ngayo ngesikhathi leliqembu lithelwa ngehlazo yiMamelodi Sundown ngo 6-0, kubukeka sengathi uKhoza uzophoqeleka ukuthi asheshise ngalodaba lokuqasha umqeqeshi omusha.

Abasondelene nosihlalo weBhakaBhaka nabasebenza ngaphakathi ekilabhini bathi iPirates kungenzeka iqashe ukhosha ngokuphuthumayo lingakapheli lelisonto esikulo.

“Kuningi esekonakele futhi abalandeli badinwe bagane unwabo. Kanti noSihlalo uyazibonela ukuthi zimbi izinto nokuzosiza ukuthi yena asheshe asukume,”kusho omunye wezimpukane eliluhlaza.

Kulelisonto uKhoza utshele izintatheli ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ukuthi ngoMsombuluko kuyohlukana ikhanda nesixhanti.

“Akulukguni ukuvele uqashe nje umqeqeshi wePirates. Ikilabhu enkulu futhi kuhlala kunengcidezi njalo.

Yingakho nje kufanele njalo siqikelele futhi singaxhamazeli. Kodwa-ke sengingakuqiniseka ukuthi ngaloMsombuluko wakusasa siyobe simthula umqeqeshi wethu omusha,”kusho uKhoza.

Kulempelasonto esiya kuyona imidlalo yeligi yePSL izoqhubeka nalapho ekubhekeke khona abalandeli babambe imimoya noma bahlale bemincile.

Amakilabhu aseKwaZulu-Natal azoba nemidlalo noma azobhekana namaqembu angathanda ukuketula amatafula uma ethathwe kancane.

Abafana Bes’thende, izithandwa zaseLaxi uqobo, iLamontville Golden Arrows izotholana phezulu neFree State Stars ngoMgqibelo ntambama

(3pm) eChatsworth Stadium. Ngokwenzeka kwezinto kwiArrows akukubi kahkhulu kodwa kuyiqiniso ukuthi kufanele baqinise amabhawodi lapha nalapha.

Umqeqeshi weArrows uClinton Larsen uthi usebone kahle ukuthi amabhawodi kufanele aqiniswephi.

NgoMqgibelo odlule iArrows ikwazile ukudla Bloemfontein Celtic ngo 2-1 emdlalweni obusePrincess Magogo Stadium kwaMashu.

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo neCeltic bekungekubi kakhulu futhi-ke sikwazile ukubona ukuthi kufanele siqinise laphi,”kusho uLarsen.

Kanti abafana baseMgungundlovu ondonga zibomvu, iTeam of Choice, iMaritzburg United izobe izalelwe yinja endlini nalapho izobe ibhekene neSuperSport United ngoMqgibelo eLucas Moripe Stadium ngo 8.15pm.

Noma leliqembu laPitoli laziwa njengizibabuli ezingathintwa kodwa iUnited itshengise okukhulu ukushintsha selokhu umqeqeshi omusha uRoger De Sa ethathe izintambo. Kuyiqiniso futh ukuthi babenebhadi nje ngesikhathi bedliwa yiKaizer Chiefs ngo 2-1 eHarry Gwala Stadium.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.