Bekushunqa uthuli e-Wadle ngempelasonto

2019-11-27 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweAbadlali be Special XI FC behlangane nabadlali ba-Amazulu FC emva komdlalo wabo obungalempelasonto eWadley Stadium.

ISITHOMBE: sithunyelweAbadlali be Special XI FC behlangane nabadlali ba-Amazulu FC emva komdlalo wabo obungalempelasonto eWadley Stadium.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AKEKHO ovume ukugoba uphondo phakathi kweqembu lebhola lase-Edendale ISpecial XI nabasafufusa kwiqembu Amazulu FC emdlaweni wokungani wobungani obusezinkundleni zemidlalo Wadley Stadium ngempelasonto edlule. Lomdlalo uphele ngeqanda yonke indawo.

Yize abaningi bebelindele ukuthi Amakhabal’daka ashaywe ngembudlu yamagoli kodwa kufanele ukuthi iSpecial olugubha iminyaka engu-50 lwasungulwa, luphume luziqhenya enkundleni njengoba lukhombisile ukuthi lungakwazi ukubhekana nezinkunzi zebhola elikhokhelwayo.

Ngaphambi kokuthi uqale lo mdlalo obuwaziwa nge Special XI 50th Anniversary Football Invitational bekubhaliselwa ukuba ngumlandeli weNyokana Eluhlazana.

Kufanele ukuthi nabo abasunguli baleliqembu ngeke bakhale ngalo mphumela kwazise iSpecial sikhombisile izimpawu zokungawsabi Amazulu ikakhulukazi esiwombeni sesibili.

Akuthusanga ukuthi Amazulu kube iwona aphatha umdlalo zisuka amadaka njengoba unozinti weSpecial uCasper Muti ezithole kufanele avimbe ibhola ebelithunyelwa kuye.

Kucacile ukuthi lo nozinti ubengalindele ukuthi Amazulu angafuna igoli zibekwa, limphunyukile ibhola kodwa ngenhlanhla umgadli woSuthu wehluleka wukulithola.

Cishe kuphele imizuzu engaphezulu kweli-15 iSpecial lungayile ebhokisini la-Amazulu njengoba uMthifo Khanyile enze omunye umsebenzi omkhulu evimba ibhola ebelibheke emapalini.

Phezu kokuthi iqembu lasekhaya belicindezelwe kodwa umgadli u-Senzo Ndlovu ubengenza kangcono ngamathuba awatholile.

Cishe abe mabili awatholile esiwombeni sokuqala kodwa wahluleka ukuwasebenzisa.

Ngakolunye uhlangothi uMuti wenze umsebenzi oncomekayo evimba isibabuli seshodi ebelithunyelwe nguSuthu.

Esiwombeni sesibili kube ngesifanayo Amazulu aqala ngamandla, kodwa uphinde wasiza uKhanyile noMuti bevimba amabhola anzima.

Kucacile ukuthi akusilona usuku lukaNdlovu njengoba ephinde wathola amanye amathuba kodwa kwangamlungela. Ugcine ngokuthi akhishwe indawo yakhe yathathwa umdlali omusha, uNjabulo Mazibuko.

UMinenhle Mkhize ongenele uMuti naye wenze kahle evimba ibhola iningi ebese liliPirates

EMINYE IMIDLALO:

NgoMgqibelo ezinkundleni zemidlali i-Wadley

Amajitha v Dambuza (16:45)

ABC Motsepe (15:00)

ABC Motsepe (14:00)

R All Stars v Le Team (11:30)

D. Masters v Reunion (10:15)

Celtics v Taylors (09:00)

NgeSonto ezinkundleni zemidlalo i-Wadley

Legends v Le Team (16:00)

Benfica v GT Pirates (14:45)

SPECIAL XI v OK Mata (13:30)

The Bears v GT Pirates(12:15)

Benfica v GT Pirates (11:00)

Machibisa v Dambuza (09:45)

Experience v Mnyandu (08:30)- Umbiko uthunyelwe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.