Ele-hip hop lizokhipha i-EP

2020-03-11 06:04

IQEMBU lomculo we-hip hop i-LCS (Lucia and Chance the Stars) izokhipha i-Extended Play yayo esihloko sithi ‘Soul’.

Le-EP izophuma ngenyanga kaNhlaba (May) kanti inezingoma eziyisithupha.

Leli qembu linamalunga amabili uLungelo “Lucias” Phungula oneminyaka engama-20 noSiyabonga “MegaJoy” Meyer oneminyaka eli-19 basendaweni yase-Peace-ville.

UPhungula utshele i-Echo ukuthi lena i-Ep yabo yokuqala kanti izingoma zakhona zonke zikhuluma ngothando.

Uthe bahlangana nomfowabo kaMeyer nowayazi ukuthi uyacula.“UMegaJoy wabe eseza kumina wangizwisa izingoma zakhe ayezenzile ngabe sengiyazithanda ngamutshela ngesifiso sami sokusungula iqembu lomculo wabantu ababili sabe sesiqala kanjalo saba iqembu,” kubeka yena.

Uqhube wathi bajabule kakhulu njengoba bezo khipha le-EP yabo ngoba bafuna ukwaziwa ngayo yonke indawo ayi eMgungudlovu kuphela.

“Kuyiphupho lethu ukuthi sikhule ngomculo wethu. Isifiso sethu ukuthi siqale sithole i-recording label ukuze sizokwazi nathi ukuthi sizinze sikhiphe nezingoma ezisezingeni eliphezulu kakhulu.

“Into esiyithanda kakhulu ngomculo wethu ukuthi awugcini ngobumnandi kuphela kodwa futhi uyafundisa ngempilo kanye nokubekezelelana,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.