Esikhathini esifushanje kulo nyaka sekweke okuningi

2016-03-02 06:00

UBUNINGI bezinto esezenzekile, nangendlela ukukhuluma osekwande ngakhona, umuntu angafunga ukuthi unyaka kade waqala, kanti cha.

Njengoba iningi selazi sithe sisathi sisadonsa umoya kulandela ukuphela kwamaholide kaZibandlela, nakhu sesisukelwa isalukwazi somlungu uPenny Sparrow sesisibiza ngezinkawu.

Sithi into esayibona laphaya eThekwini olwandle ngendlela abantu abansundu ababegcolisa ngayo ulwandlea ngodoti woplastiki, amaphepha namakopi nokunye, kwavele kwamkhombisa nje ukuthi abantu abamnyama bayizinkawu. La mazwi asuse omkhulu omsindo lo, ngoba cishe kwazekwaphela uMasingana abantu beloku bebabaza ukuthukwa kwabo ngale ndlela bengazange basukela muntu bona.

Kumaphephandaba, kwimisakazo, ezinkundleni zokuxhumana koWhatsApp, Facebook neTwitter abantu baphefumula ngale nkulumo yalesisalukwazi namagama aso akhomba ukuthi siyabacwasa abantu bakuleli. Uma abezindaba bezama ukusiphenyisisa ngamagama aso, isithombe esithande ukuvela esomuntu ongathi aziphelele kahle ekhanda.

Sisathi silalele lokho, sizilungiselela ukuvulwa kwezikole kanye namanyuvesi, nakhu abafundi sebethi abamudle bamfele uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, nakhu phela bebesaqhubeka nawo umzabalazo wabo ukuthi #FeesMustFall, okusho ukuthi ayiphele le ndaba yokuthi abafundi kuthiwa abakhokhe imali yokungena emanyuvesi.

Nakhu mhlawumbe umuntu okufuneka akusho lapha, abazali abanezingane kulezi zikhungo abakwazi kahle kamhlophe. Uma inyuvesi isithe woza uzofunda kuyo, kunenqwaba yemali okumele uzilungiselele yona ukuthi uyikhokhe. Kunemali yokubhalisa (registration) evamise ukuba wu-R10 000. Uma usukhokhe le mali, sekumele ukhokhe imali yezifundo uqobo lwazo. Iziqu ezuthatha iminyaka emithathu, ungalindela ukukhokha imali ephakathi kuka R25000 kuya ku -R45000 ngonyaka, noma ngaphezulu kuye ngokuthi useWits noma Ongoye; e-University of Pretoria noma Walter Sisulu University.

Ngaphezu kwale mali, kusalindeleke ukhokhe imali yendawo yokuhlala, nayo emba eqolo ngokwayo, nakhu phela kwesinye isikhathi amahostela abafundi kusuke kungamahotela aphakthi emadolobheni.

Ngingaze ngikhohlwe, ingane kufuneka ibe nezingubo zokugqoka, nazo ezisemgangathweni, kanye nemali yokudla kanye neyokuzibheka nje usuku nosuku. Ngamafuphi ngane zakwethu, uma ingane isenyunvesi kuyakhokhwa impela akudlalwa. Manje-ke uMphephethwa ubeziphunga ngezithebe lezi ngane obubona ukuthi indlela ezezivutha ngayo, bekuthi azimudle eluhlaza.

Ngakho-ke izindawo eziningi zingakavulwa nakuvulwa, nabanye osopoliti besadla endala, lo msindo wabafundi wenze ukuthi wonke umuntu adle egijima ngoba kubonakala nje ukuthi, hhayi kubi.

Nokho isimo size sathanda ukudamba emuva kokuthi uMphephethwa ethathe izinyathelo ezinqala, lapho eye waba nemihlangano nabaholi babafundi, nabaphathi bamanyuvesi, kanye nalabo abaphethe izimali, okwagcina sekuthiwa umfundi uzobhaliswa noma engayiphethe.

Ngaphezu kwaloyo mnyakazo, uMengameli uJacob Zuma naye wenza imizamo eminingi ukuqhamuka nemali okuthiwa izofunakala ukuze amanyuvesi ahlangabezane nezindleko zomsebenzi wawo. Asazi ke nina beLembe ukuthi iyozala nkomoni, mhlawumbe lolu daba luzogcina lulungisekile ngoba abafundil bemi ekutheni usomqulu kaKhongolose, obizwa ngeFreedom Charter, yiwo kanye owathembisa ukuthi mhla lelizwe lakhululeka, wonke umuntu uyoba nelungelo lokufunda mahhala. Bathi-ke leso sikhathi sesifikile, ikakhulukazi ngoba iminyaka isingaphezulu kwamashumi amabili sabuswa ngentando yeningi isihlangene.

Ngizinquma amakhanda ngizishiye kanjalo bakwethu nami lapha ngoba, njengoba sengike ngasho lapha ngenhla, izinto zibonakala zihamba ngesivinini esesabekayo. Kulo nyaka njengezakhamizi zakuleli, sesimi ngomumo sizilungiselela ukhetho lwasekhaya. Njengenjwayelo osopoliti sebeqalile ukwenza lokho abaziwa ngako, sebeyaklwebhana. Ngakho-ke kubukeka sengathi sothi sifika kulolo suku lokhetho kobe sekukuningi osekwenzekile.

Sikhuluma nje kunabantu asebebulewe ngenxa yokungaboni ngasolinye kwezepolitiki, mhlawumbe ngokubangwa kwezikhundla.

Lokho kwenza kufuneka abaholi bakukhuze. Asikho nasinye isizathu esingenza ukuthi umuntu omnyama abulale omunye, ngisho kukubi kanjani. Thina ndlu emnyama, njengoba besiqhoqhobelwe amaBhunu isikhathi eside kangaka, besithi lokho kwenzeka ngoba zingekho iziqhwaga lapha phakathi kwethu, manje uma sesithola ukuthi kanti zikhona, zibulala thina uqobo lwethu, sivele sikhungatheke nje. Ingani nanka amaBhunu asakhombisa ukuthi uma ufuna impi, akhona ayilindele.

Ukukhuluma ngamabhunu kungiletha odabeli lukalowo awabe engumengameli wokugcina wombuso we-Apartheid, uMnu F.W. De Klerk. Lo muntu uma ubheka ukwenza kwakhe nalokho okuphuma emlonyeni wakhe, kuyacaca nje ukuthi akukho ukuzisola kuyena, nanokuthi ubona sengatha umuntu omnyama unehaba nje uma ekhuluma ngokuhlukumezeka akuthola kusewuhulumeni wencindezelo nobandlululo. Mhlawumbe ingakho nje abanye babaholi bomphakathi sebevele bathi kungakuhle uDe Klerk nalowo owayephethe umnyango wamaphoyisa, uMnu Adrian Vlok, babhekane namacala okubulala inqwaba yabantu ngaphansi kwale nqubo yobandlululo.

Abaningi bazokhumbula ukuthi kuke kwakhona isikhathi lapho besingcwaba khona usuku nosuku ngesikhathi uVlok noDe Klerk besabambe amatomu ombuso. Njengoba sesibuswa ngenqubo yentando yeningi nje, kungakuhle futhi kufanele nabo labo babhekane namacala abawenza ngalezo zikhathi, njengawo wonke umuntu ikakhulu ngoba basekhona la, sisaphila nabo. Icala aliboli.

Njengabo besengishilo, ningaze nithi lo muntu uyathanda ukuphinda phinda into eyodwa, kuningi esikulindele kulo nyaka. Kunabaholi abaphezulu bezepolitiki esingababona bevela ezinkantolo zakuleli ukuze bachaze ngaloko abakwaziyo nezehlakalo zeminyaka embalwa edlule. Nanka amehlo aphahle umbombo, sobona ukuthi kwenzekanjani.

Uyayibonake le nto ebengiyisho yokuthi izehlakalo esesidlule kuzo kumanje, ungafunga ukuthi unyaka usuphakathi nawo, kanti qha.

*Bhungani ka Mzolo usebenza kuhulumeni kanti futhi ungumhlaziyi ozimele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.