Gqoka ubukeke ngaso sonke isikhathi

2019-10-30 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUmsiki wengqephu uMnu Nkosi Mhlungu.

ISITHOMBE: sithunyelweUmsiki wengqephu uMnu Nkosi Mhlungu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMSIKI wengqephu owaziwayo uMnu Nkosi Mhlungu uthi indlela ogqoka ngayo ngesikhathi sasehlobo iyona ekhombisayo ukuthi ungumuntu onjani uma ngabe kuza kwezemfashini kodwa futhi indlela ogqoka ngayo kumele ibe isibuko somuzwa wesikhathi sonyaka.

Njengoba sekungena isikhathi sehlobo i-Echo ixoxisane noMhlungu ukuthola ukuthi yini abantu abangayenza ukwenza isiqiniseko sokuthi bahleli bebukeka kahle njalo.

UMhlungu uneziqu ze-Diploma kwi Fashion Design kanti ngothando lwakhe lwemfashini useze wavula ngisho i-brand yakhe eyaziwa ngokuthi i-Crazy Urban.

Utshele i-Echo ukuthi isikhathi esiningi uma ngabe kufika isikhathi sasehlobo kubukeka kahle uma ngabe abantu befake imibala egqamile.

“Ukugqoka imibala egqamile kuhambiselana nokumamatheka okukhulu. Akugcini nje lapho kuphela kodwa kufaka ukukhanya kukuvulele nezinye izindlela zokubona imfashini,” kubeka yena. Uqhube wathi into egcina seyenza abantu bangakwazi ukugqoka ngendlela efanele ingoba bavele balandele into esuke igqokwa kakhulu ngaleso sikhathi.

“Ave kubalulekile ukuthi njalo uma ugqoke uqale ubheke umbala wesikhumba sakho ukuthi uyahambiselani yini nombala lowo ofuna ukuwugqoka. Izinwele kanye nesikhwama, kanye nokuziphophotha nako kudlala enkulu indima ekwenzeni isiqiniseko sokuthi ubukeka kahle.

“Kumele uhleli ubheka lezo zinto kakhulu njalo ngaphambi kokuba ugqoke. Uma ngabe kungukuthi uzogqoka into enemibala eminingi zama ukuthi isikhwama okanye izicathulo ozozigqoka zingabe nazo seziba nemibala eminingi ephithizelayo ukuze kuzobukeka kahle uma ngabe usugqokile.”

Uthe uma ngabe ufuna ukungakuzweli kakhulu ukushisa kumele ukhethe ukuba natural.

Uthe izimpahla ezenziwe nge-looser fit zibalulekile uma ngabe ugqokela isikhathi sehlobo.

“Akumele uhleli uthembele ezimpahleni eziyi-frabric ukubamba [umswakama]. Izimpahla ezingakumpintshi zizokwenza ukuthi uphole uphinde ubukeke njengomuntu onesitayela.

“Izindwangu ongathembela kuzona ukuzigqoka ngesikhathi sehlobo i-fabric kanye ne-linen. Uma ngabe ugqoka isikipa esenziwe nge-polyester yodwa ungahle uzizwe ungakhululekile.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.