Halala Team of Choice

2016-06-01 06:00

NGICELA ungiphe isikhala kwelakho eliphuma phambili ngike ngizwakalise ukujabula kwami ngokuphumelela kweqembu laseMphithi engilikhonze kakhulu iMaritzburg United ukuvika izembe kulesizini ephelile.

Ayikho into ebibuhlungu njengokubona iqembu lidlala elimnandi ibhola kodwa imiphumela iphike ekugcineni. Ngelinye ilanga ngalalela uVictor Molefe ehleli nabahlaziyi bebhola bekhuluma ngayo indaba ye Team Of Choice nengcwenga yebhola kodwa ebelihambisana nesinyama esikhulu ongakaze usibone uma sekufikwa ekushayeni amagoli. Kumele sibabonge kakhulu abadlali ngoba mina ngikholwa ukuthi kube ukuzikhandla kwabo okwenze ekugcineni bathola imiphumela edingekayo nebasize kakhulu. Umphakathi waKwaZulu Natal (ikakhulukazi waseMphithi) othanda ibhola lezinyawo ubuphatheke kabi kakhulu ngoba besesizo sala neqembu elilodwa vo ku PSL okuyi Arrows njengoba noSuthu lungabuyanga. Obekudida kakhulu ukuthi besiphuma ngobuningi bethu siye enkundleni iHarry Gwala uma abafana bedlala ukuyobagqugquzela ukuthi babone indlela esibathanda ngayo noma besenkingeni asibalahlile. Ekigcineni besibuyela emuva sesinyobozela kwesinye isikhathi uze uzisole nokuthi kambe ubuyaphi. Sibongele nabaphathi beqembu kanjalo nabaphathi bedolobha ikakhulukazi uMeya Chris Ndlela ngakho konke abathe bakwenza ekutheni umzabalazo wokugcina iqembu ku Psl ube impumelelo. Kodwa ke ngizothanda ukuphuma eceleni kancane ngasohlangothini lomqeqeshi uMiddendorp ngoba angikholelwa ekutheni kumfanele ukuqeqesha leliqembu. Ngicabanga ukuthi uma lingazimisele ukuphinda lizibone likulesisimo kwisizini ezayo kuzomele kusheshe kutholakale umqeqeshi omusha. Kunabadlali akade engabadlalisi kodwa ububona mabengenile ukuthi kukhona abangakwenzela leliqembu okuhle.

Ngifuna ukuphuma eqhulwini no Abia Nale esaze samemeza ukuthi akamfake kudlalwa ne Ajax kodwa wasiziba ngoba ubeba neminyakazo emihle kabi uma edlala. Into obuyibona ukuthi unenkinga eqondene naye hayi ethinta ukudlala kwakhe. Sambona naku JB emxosha edlala kahle simthanda waze wayomxosha naku Celtic emfica khona. Ngendlela anolaka ngayo uma umbuka enkundleni ethetha ngize ngizibuze ukuthi engabe unjani kubadlali uma beziqeqesha. Sengiphetha nje uRusike uyakude nebhola. Siyabonga kakhulu Maritzburg United­.

Mfanafuthi ‘Jika Pantsula’ Nzuza ESIGINGQINI

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.