I-EFA icija onompempe bangomuso

2019-07-17 06:00

UMA umdlali edlalisa kabi omunye ebhokisini aqhubeke amdlalise kabi ngaphakathi ebhokisini kufanele kube yi-free kick noma ipenalty?

Lona ongemunye yemibuzo ebibuzwa unondweba odlalisa kwi-Premier Soccer League kwiSouth African Football Association (Safa) uSiyabonga Nkomo ngesikahthi ebe nohlelo lokuqeqesha onompempe beEdendale Football Association (EFA) League ezinkundleni zemidlalo iWadley Stadium e-Edendale ngoLwesihlanu mhlaka-5 kuNtulikazi (July).

Loku qeqeshwa okuhlelwa yi-EFA kuhloswe ngakho ukufukula izinga lomdlalo webhola likanobutshuzwayo emazingeni aphansi e-Edendale.

Lapho labo abafuna noma asebengonompempe bebefundisa ngezinto ezifana nezixhwayiso ezihambisana nokungaziphathisi kahle komdlali (unsporting behaviour) ukuphuza ukususa ibhola lapho umdlalo usuphakathi (delaying restart), ukudlala kabi ngokuphindelela (persistent infringement) nokuphumela ngaphandle kwenkundla ungagunyaziwe (leaving the field).

Baphinde bafundiswa ngokuphulwa komthetho okuholela ekutheni abadlali bakhishelwe ngaphandle, okungaba ukufela ngamathe, ukusebenzisa inhlamba, ukubamba ibhola ngesandla nokunye okuningi.

Babuye batshelwa ukuthi uma kuyisandla esiya ebholeni, hhayi ibhola eliya esandleni, lapho kufanele khona balibeka phansi ibhola ukuhlawulisa lowo owenze lokho.

Ngokwesitatimende esikhishwe emva kwakho konke lokhu kuqeqeshwa, uMnu Sanele Vilakazi we-EFA ubongela bonke abebebambe iqhaza kule mfundiso-khono, wathi lokhu kuyigxathu elihambisana nokuthuthukiswa kwebhola emazingeni aphansi. Lokhu kuqeqeshwa kuzoqhubeka njalo ngoLwezihlanu ngehora lesihlanu ntambama ezinkundleni zemidlalo i-Wadley Stadium.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.