I-Santaco idumele ngenhlekelele yengozi edlule nabagibeli

2017-08-30 06:00
Isithombe: SithunyelweInhlangano i-Santaco ithe sekutholakale ukuthi lelikhumbi belingagunyaziwe ukuthwala umphakathi.

Isithombe: SithunyelweInhlangano i-Santaco ithe sekutholakale ukuthi lelikhumbi belingagunyaziwe ukuthwala umphakathi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AYAVEVA amalunga emboni yezokuthutha ngamatekisi, i-SANTACO (South African National Taxi Council) emva kwengozi eyenzeke kwaXimba ngezikathi zehora leshumi ngeSonto, ngomhlaka 20 ku-Agasti, nedlule nabagibeli abangu-19.

Uthe inhlangano ithanda ukudlulisa ukuzwelana nabashiywe izihlobo zabo, njengoba kudlule abantu besifazane abangu-19 kube kuyinyanga yabo, inyanga ka-Agasti, nokusho ngokusobala ukuthi imindeni eminingi ilahlekelwe ngoba omama abamisa imizi.

“Ngodaba lwemoto siyinhlangano ethutha umphakathi siyanxenxa ukuthi uma abagibeli benohambo abayeke ukuthatha imoto kamakhelwane kepha baxhumane noSosesheni.

Abantu mabebona ikhumbi lokho akusho ukuthi itekisi, ngoba itekisi iba neCOF, amaphephamvume okuthutha umphakathi kanti nomshayeli uba nePDP. Itekisi liphinde libe nomshwalense okwenzela ukuthi uma abagibeli bengena emotweni bavikeleke. Siyacela abagibeli baqashe izimoto ezisemthethweni ezitholakala koSosesheni njengoba benamahhovisi abasebenzela kuwo,” kusho uMnu. Mzelemu.

Uqhube wathi inhlangano icela uMnyango weZokuthutha uqinise umthetho wokubopha emgwaqweni ukuze abashayeli bezoyeka ukulayisha ngokweqile baphinde bangabi nezimfanelo zokuthutha umphakathi. “Sicela bame ukubhala amathikithi ngoba iyaqhubeka imoto uma isidlulile kubo idale ingozi, lezimoto sicela bazithathe.

Umthetho uyaxega kuleSifundazwe sakithi, sicela amaphoyisa azithwale izimoto ezingenamaphephamvume ngoba yizona ezibulala abagibeli bethu,” kusho uMnu Mzelemu.

Uthe umphakathi oqasha imoto unalo ilungelo lokufuna ukubona amaphepha emoto nawomshayeli ngaphambi kokuba baqashe imoto.

Abagibeli banalo ilungelo lokwenqaba ukuba imoto ilayishe ngokweqile, uma beba nenkinga bayabika kubaphathi basemarenki noma emahhovisi oSosesheni, siyimboni yamatekisi asihambisani nokusetshenziswa kwezimoto ezingaphephile nokulayishwa kwesibalo eseqile kwesifanele,” kusho uMnu. Mzelemu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.