I-Santaco ihlomulise abafundi ngomfaniswano

2018-04-25 06:00
Abafundi bezinye zezikole ezihlomule ngoMfaniswano.isithombe: LETHIWE MAKHANYA

Abafundi bezinye zezikole ezihlomule ngoMfaniswano.isithombe: LETHIWE MAKHANYA

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKHANSELA laka-ward-27 uMnuz Manqoba Ngubo ushayele inhlangano yamatekisi i-South African National Taxi Council (Santaco) esifundeni uMgungundlovu ihlombe, ngokwelula isandla belekelele izingane ezentulayo ngomfaniswano.

UMnuz Ngubo nobebambele iMeya yoMasipala uMsunduzi uMnuz Themba Njilo ukusho lokhu emcimbini wokunikelwa ngomfaniswano ezikoleni ezingaphansi koMgungundlovu obuse City Hall ngoLwesihlanu mhla zili-13 kuMbasa (April).

Lo mcimbi ubuhlelwe inhlangano yamatekisi i-Santaco ngokuhlanganyela nabosomabhizinisi abehlukene abangaphansi kwesiFunda iMgungundlovu.

Kulo nyaka kuhlomule izingane eziyizi-1 400 kulolu hlelo kanti zonke lezi zingane ziphuma ngaphansi kososeshini abangama-40 abangaphansi kwesifunda uMgungungundlovu.

UMnuz Ngubo uyale abafundi ngokubaluleka kwemfundo ebatshela nokuthi isizathu esibayisa esikoleni esokuthi bayothola imfundo kuphela.

“Kumele nifunde nibe izingane ezingcono ngalendlela eningaba iyona ngoba ilokho okubalulekile. Nikhumbule futhi ukuthi ukuya kwenu esikoleni yingoba nifuna ukuyozithuthukisa ngokwemfundo.

“Uma izinhlangano ezifana nalena yamatekisi zifika zilula isandla zithi zizosiza zisuke zikwenza lokho zingalindele ukuthi nizikhokhele imali kodwa zisuke zifuna nizikhokhele ngokuthi nisebenze ngokuzikhandla nenze nomsebenzi wenu wesikole nihloniphe othisha benu nokuyinto esemqoka kakhulu,” kubeka yena.

Uphinde wayala nabazali wathi kumele bazi ukuthi banomsebenzi wokusiza noma eyiphi ingane ngoba wonke umuntu ubheke usizo uma sekwedlule isikhathi sesikole.

“Siyabonga kakhulu kuMgungundlovu Regional Taxi Association ngalomsebenzi wabo omuhle kangaka nofaka injabulo ebusweni bezingane nokwenza izimpilo zabahlali bakulendawo zibe lula.”

USihlalo walenhlangano uMnuz Bheki Sokhela uthe sebeneminyaka ethi ayibe yi-10 beqhuba lo mkhankaso.

“Ukuluqala kwethu lolu hlelo sabona isimo esasikhula ngaphansi kwaso kudala ukuthi sasiya esikoleni singenawo umfaniswano. Besingafuni ukuthi izingane zethu nazo zigcine sezizithola zikuleso simo ngoba lokho kuzoba nomthelela omubi ezifundweni zazo.

“Zizogcina sezinqena ukuya esikoleni ngoba zizenyeza ukuthi azifani nabanye abafundi.

“Sifuna ukuthi izingane uma ziya esikoleni zikhululeke yingakho sizinikeza umfaniswano ogcwele kusuka esicathulweni kuya phezulu. Siyakholelwa ukuthi lokhu kuzobakhuthaza ukuthi bafunde ngamandla,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba lukhula lolu hlelo minyaka yonke isifiso sabo ukuthi bagcine sebesiza izikole bengagcini nje ngabafundi kuphela.

“Siyafisa ukuthi uhlelo lwethu olulandelayo silekelele ngama-computer ezikoleni ukuze noma sebehambile labo bafundi aqale kubona kodwa wona asale aqhubeke alekelele abafundi abalandelayo.

“Ngaleyondlela kuyobe sekusizakala umphakathi wonke ayi umuntu ngamunye nje kuphela,” kuphetha uMnuz Sokhela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.